UMGADLI weMamelodi Sundowns, u-Iqraam Rayners, ufunga uyagomela ukuthi bazolwela ukuwunqoba umdlalo wabo wokugcina wesigaba samaqoqo weCaf Champions League abazowudlala ne-AS FAR Rabat yaseMorocco.
ISundowns ezobhekana ne-AS FAR, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngeSonto ngo-6 ntambama, idinga iphuzu ukuze izibekisele indawo kuma-quarterfinal eChampions League.
I-AS FAR, esivele izibekisele indawo kuma-quarterfinal alo mqhudelwano njengoba ihlezi phezulu ngamaphuzu ayisishiyagalolunye kuGroup B, izobe idlalela isithunzi nokugcina indawo yayo esicongweni kuleli qoqo.
“Bazoza kulo mdlalo benokuzethemba futhi bazolwa, benze izinto zibe nzima kithina. Kodwa sikulungele ukubhekana nabo ngoba sifuna ukuwunqoba lo mdlalo,” kusho uRayners.
Lo mgadli osanda kuhlabana ngomklomelo wokuba ngumdlali ovelele kwiBetway Premieship kaNovemba noDisemba, ngomunye wabadlali abamqoka iSundowns ezothembela kubona ekwenzeni izinto zenzeke kulo mdlalo wangeSonto.
Nguyena oshayele iSundowns igoli ngesikhathi ibambana ngo 1-1 naleli qembu laseMorocco emzuliswaneni wokuqala ngoDisemba eRabat.
“Njengoba sebevele bezibekisele indawo kuma-quarterfinal (eChampions League), kuyacaca ukuthi kulo mdlalo esizowudlala nabo bazodlalela ukuhlala emuva, benze isiqiniseko sokuthi babuya nephuzu ukuze baqhubeke nokuhlala phezulu.
Ngoba thina sidinga ukuwuwina lo mdlalo noma kanjani, ngakho siyolwela ukushaya amagoli. Siya ngomoya wokulwela ukunqoba.”
URayners usho kanjena nje ukuqonda kahle ukubaluleka kokuya kulo mdlalo ngomoya wokuyolwela ukunqoba kunokuyodlalela iphuzu, njengoba ukunqoba kweRaja Casablanca kwi-AS Manieama Union ngalo iSonto kungawashabalalisa amaphupho abo okudlulela kuma-quarterfinal uma bengahlulwa yi-AS FAR.
IRaja isendaweni yesithathu kuGroup B ngamaphuzu amahlanu. Lokhu kusho ukuthi ukunqoba kwayo ngamagoli amaningi kwiManiema kungayibeka endaweni yesibili ngamaphuzu ayisishiyagalombili, igudluze iSundowns uma ingahlulwa yi-AS FAR.