AKAFUNE lutho olumhlanganisa nebhola uMolefi Ntseki okwamanje, ongomunye wabaqeqeshi abakhonjwe indlela iKaizer Chiefs ngesizini edlule.
UNtseki ushiye kuMakhosi esenuka iqaqa kubalandeli beChiefs, abesemuhhumuza, bemcokofula ngoba becasulwa ukungenzi kahle kweqembu labo ngaphansi kwakhe.
Lo mqeqeshi ubethathe lo msebenzi ekuqaleni kwesizini edlule ngemuva kokuthi iChiefs ingazange imthole umqeqeshi ebimdinga kulandela ukuxosha u-Arthur Zwane.
UNtseki akumhambelanga kahle kuMakhosi osekuphele iminyaka ecela kweyishumi agcina ukunqoba isicoco. Uqashwe ngo-Agasti kuqala isizini edlule, zamkhalela ngo-Okthoba, izintambo zabanjiswa uCavin Johnson, naye okumubhedele iqembu liqeda endaweni yeshumi kwi-log yeDStv Premiership ngaphansi kwakhe.
UNtseki utshele Isolezwe ukuthi ngemuva kokuxoshwa kwiBafana Bafana nakwiChiefs, usenqume ukuthatha ikhefu ebholeni, azinike isikhathi sokuhlala nomndeni wakhe.
Uveze ukuthi useqome ukungena emkhakheni wokwakha (construction) njengoba eveze ukuthi igama lenkampani yakhe iMol Eve PTY Ltd.
Uthe njengamanje benemenenja yakhe, uSteve Kapeluschnik, bamatasa nesakhiwo esizohlala abafundi ngakubo eBloemfontein.
"Sinemenenja yami sivumelane ngokungena emkhakheni wokwakha ukuze ngingalambi noma kuthiwa sengiyeke ukuqeqesha. Okwamanje inkampani yami izinze eBloemfontein. Impilo inzima ebholeni. Ukuxoshwa kwiBafana nakwiChiefs kungivule umehlo. Okwamanje ngisathathe ikhefu ebholeni. Ngihleli kamnandi nomndeni wami," kubeka uNtseki.
Uthe uma konke sekuzinze kahle ebhizinisini lakhe, uzobuyela ebholeni ngenhloso yokusebenzisana namaqembu ukuthuthukisa abadlali abasebancane.
Ngo-2019, wanikwa esokuba iphini lomqeqeshi kwiBafana. Ngasekupheleni konyaka ofanayo wagixatshezwa ngesokuba inhloko yabaqeqeshi. Kwakuhambe uStuart Baxter wase-England.
Ngo-2021, iSafa yamxosha uNtseki ngenxa yokuhluleka ukufaka iBafana kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) yango-2022.
Kwathi kusaphele inyanga exoshiwe waqashwa iChiefs njengosomaqhinga kusukela ezinkuliseni kuya eqenjini elikhulu.
Iqembu elikhulu lalicijwa uBaxter owaxoshwa kusele imidlalo eyisikhombisa kuphele isizini ka-2021/22. Yaqedelwa u-Arthur Zwane okwathi kweka-2022/23 wanikwa izintambo ngokuphelele.
Ngaphambi kokuqala kweka-2023/24, uZwane wehliswa waba yiphini, esekuba inhloko yabaqeqeshi sanikwa uNtseki.
Ngaphansi kobuholi bukaNtseki, emidlalweni ewu-13 iChiefs inqobe imidlalo emine, yashaywa kweyisithupha, yadlala ngokulingana kwemine.
Waxoshwa ngemuva kokuwashiswa ijezi AmaZulu emzuliswaneni wokuqala weCarling Black Label Knockout, ngo-Okthoba. Waphuma eFNB Stadium esephelezelwa ngabakwasidlodlo ababemvikela kubalandeli abebesho ukumudla luhlaza.
Nakuba uNtseki ayebizwa ngawo wonke amagama, uthe awuzange umhlule umsebenzi kwiChiefs.
"Ngiqashwa njengosomaqhinga kwiChiefs ngafika nohlelo olwaluluhle lweminyaka emihlanu. Ngangizimisele ukuqinisa ithimba labaqeqeshi bese kufundiswa kabanzi abadlali ngesiko lweChiefs.
“Ngemuva kwamasizini amathathu ngangihlose ukuthi sinqobe noma inkomishi eyodwa ukuze kwakuzohlika ulaka lwabalandeli. Ngangihlose nokuthi siqede emaqenjini amathathu aphezulu kwiligi. Ngangifuna nokwehlisa isibalo sabadlali abase bebadala eqenjini. Ngemuva kweminyaka emihlanu sasizobe sesikulungele ukunqoba iligi, iChampions League nezinye izinkomishi. Nokho angibasoli abalandeli ngokungabekezeli. Benziwa wumlando wokuhlala benqoba,” usho kanje.
Umunwe uwubhekise kubaphathi ngokungabazisi abalandeli ukuthi akaqashwanga ngokuphelele ngesikhathi kwehliswa uZwane.
"IChiefs yayifuna ukuqasha umqeqeshi onamava. Yagcina ibambisa mina ngenxa yokuthi kwase kusondele ukuqala kwesizini ka-2023/24. Ngangingaqashiwe ngokuphelele. Ngangisebenza ngabadlali enganginikwe bona. Mhlawumbe ukube abalandeli babazisiwe ngesimo nangezinhlelo zami babeyobekezela.“
UNtseki uthe ubona iChiefs izokwenza kahle ngaphansi kukaNasreddine Nabi osanda kuqashwa.