Morocco (0) 0
Spain (0) 0
UNOZINTI weMorocco, uYassine Bounou, ube iqhawe ngesikhathi esiza leli qembu lesizwe linqoba kwiSpain ngo 3-0 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni we-Last 16 yeNdebe yoMhlaba ngoLwesibili ebusuku, e-Education City Stadium, e-Al-Rayyan, eQatar.
Ubuqhawe bukaBounou ovimbe amaphenathi amabili, buphelezelwe ashaywe phakathi u-Abdel Sabiri, Hakim Ziyach no-Ashraf Hakimi kwathi uBadr Benoun wayishweba.
UPablo Sarabia, Carlos Soler noSergio Busquets bonke bawashwebile amaphenathi eSpain.
ISpain eyaziwa ngobunono bokuphaselana ibhola, iyona ebiphethe ibhola isikhathi esiningi kulo mdlalo. Nokho lokuthi akuzange kuyitatazelise iMorocco. Leli qembu lase-Afrika osekuyilona elisele kulo mqhudelwano, belizihlalele emuva ngenhloso yokuphuma ngejubane, uma lithola ibhola.
Nokuba omakhelwane kwala mazwe bekungesinye sezinongo ebesenza nakubalandeli kube nomuzwa wokuthi kuminciwe nhlangothi zombili.
Ize yaphela imizuzu engu-20 ililandela ibhola iMorocco kodwa lokhu bekungasho lutho ngoba ukuphatha kwebhola kweSpain, bekungayisizi kwazise ibingafiki emapalini obekuvimbe kuwona uBounou.
Ibekhona neminyakazo ebiwhamuka neMorocco yize ibingathusi kangako.
Ukuzethemba kukaBounou kucishe kwabafaka enkingeni abeMorocco ngomzuzu ka-25 ngesikhathi bemphuca ibhola ebhokisini kodwa wasinda ngokulanyulelwa umsizi kanondweba.
Akukho okushintshile ngokomdlalo ngemuva komzuzu ka-30 ngaphandle kukunyuka komsindo wabalandeli beMorocco abebezama ngakho konke okusemandleni ukweseka iqembu labo ngokulifaka umfutho.
Size sasongwa isiwombe sokuqala iSpain iwuphethe umdlalo kodwa bekuyiMorocco ebibukeka iyingozi uma kwenzekile yahlasela.
Yize iSpain ibuye ekhefini isikhombisa izimpawu zokulikhuphula izinga kodwa lokhu bekuyiklaya emuva okuyikhona kahle obekufunwa iMorocco.
Kugcine kucaca ukuthi iSpain kufanele ifake u-Alvaro Morata, okuthusile nokho ukuthi akawuqalanga ngani umdlalo kwazisse useshaye amagoli kuyona yonke aseyidlale eQatar.
Kukhishwe uGavi noMarco Asencio, kwafakwa uSoler noMorata ngomzuzu ka-64 ezindaweni zabo.
Ibhola liqhubekile nokuhlala kwi-Spain kodwa ihluleka ukulisebenzisa phambi kwamapali. Lokhu kwenzeke umdlalo waze wayofika esikhathini esengeziwe.
Ngokubona ukuthi iSpain isihlasela ngamandla obekudalwa ukukhathala kweMorocco, uLuis Enrique, opheka ompetha bomhlaba bango-2010, ubelokhu ebafake njalo abadlali abanejubane.
UWalid Cheddira weMorocco obesuka ebhentshini uthole ithuba elihle ngomzuzu wokugcina esiwombeni sokuqala se-extra time kodwa waliqondisa ku-Unai Simon obevimbele iSpain.
Womabili la maqembu esizwe awatholile amathuba okuqeda lo mdlalo esiwombeni sesibili se-extra-time kodwa ahluleka ngokwahlukana ukuwasebenzisa kwaze kwayiwa emaphenathini anqotshwe iMorocco. IMorocco isizodlala kuma-quarterfinal nozonqoba phakathi kwePortugal neSwitzerland.