USAZETHEMBA ukuthi uzowufeza umsebenzi awuqashelwe wokubuyisela iKaizer Chiefs, ekubeni ngelinye lamaqembu awola izindebe eNingizimu Afrika umqeqeshi weqembu, uNasreddine Nabi.
Lo mqeqeshi odabuka eTunisia (59), uqokwe ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/25 kulandela enye isizini Amakhosi ayiqede engaphethe sicoco, aphinde alala endaweni ka-10 kwi-log yeBetway Premiership.
Leli qembu elalihamba phambili ekuqoqeni izinkomishi kuleli, lagcina ukuphakamisa indebe ngesikhathi linqoba iligi ngesizini ka-2014/15. Kusukela lapho seliqede amasizini ayisishiyagalolunye libhekene nesomiso.
UNabi nethimba lakhe labaqeqeshi basahlulekile ukuhlanganisa imiphumela emihle ilandelana, nakuba unyaka bewuvale kahle ngokuguqisa iChippa United ngo 1-0 koweBetway Premiership ngeSonto.
Lokhu kusho ukuthi sebenqobe imidlalo emine kweyishumi yeligi abayidlalile kule sizini, bahlulwa kwemithathu baphinde badlala ngokulingana kwemithathu. KwiCarling Knockout, bakhishwa yiMamelodi Sundowns kuma-quarterfinal.
UNabi uthe kunezinto eziholele ekutheni iqembu lakhe lingakwazi ukubamba umgqigqo eliqale ngawo isizini ngesikhathi linqoba imidlalo emibili ilandelana.
“Zikhona izizathu zalokho. Ekuqaleni iqembu lisheshe lathuthuka ngokwezinga lomdlalo kodwa laphinde lehla. Besivele sazi ukuthi abadlali abasebancane ngeke bakwazi ukugcina izinga elifanayo kuyona yonke imidlalo. Siphinde saphazanyiswa wukulimala kwabanye abadlali bethu abamqoka,” kuchaza uNabi.
“Bekukhona nengcindezi evela kwabezindaba abebehlale becubungula yonke into eyenziwa yiqembu nabaqeqeshi, bengaqondi nokuthi izoba nomthelela omubi emiqondweni yabadlali. Zonke lezi zinto sezihlangene ziphazamise inqubekela phambili yethu kodwa sikholwa wukuthi sizovuka sibe lapho esifisa ukuba khona.”
U-Nabi uphinde wakhombisa ukungenami ngendlela okubikwa ngayo ngeqembu lakhe, esola abezindaba ngokungamniki isikhathi sokuluqala kahle uhambo lwakhe ngaphandle kokukhunjuzwa ngobunzima iqembu eselidlule kubona.
"Ngempela ngempela, kungani ningakwazi ukwamukela ukuthi ngizele ukuzokwenza umsebenzi othatha isikhathi? Ngibuza nina bantu bezindaba. Nina zintatheli nihlale nifuna ukunyakazisa abalandeli, ngakho-ke akunisebenzeli uma umqeqeshi ekhuluma ngokwakha iqembu. Akufanele nisebenzise imizwa yabalandeli ukuze kuhlomule amabhizinisi enu,” uqhube kanje lo mqeqeshi, esenyuse nezwi.
“Ngiyazithemba ukuthi ngizokwenza lokhu engalandelwa ukuthi ngikwenze kwiChiefs. Ngiyazi anithandi ukukuzwa lokhu ngoba phambilini bakhona abanye ababekhuluma ngokwakha. Mina ngizele ukuzokwakha, nithanda ningathandi.
“Ngesikhathi ngifika ngasho ukuthi sizothatha amagxathu ahlukene size sifike lapho sibheke khona, ngeke nje ngithi ngifika ngibe nginqoba yonke into. Ngiyakholelwa kulo msebenzi futhi ngizolwa phezu kwabo bonke abagxekayo nengcindezi evela kubantu bangaphandle.
“Uma nikhuluma ngokuthi iqembu linqobe imidlalo eyisikhombisa kuphela kulo nyaka, lokho kuhlanganisa nokwenzeka ngaphambi kokuthi sifike futhi angiboni ukuthi kufanele siphendule ngezinto ezenzeka singakafiki.”
IChiefs isendaweni yesikhombisa ngamaphuzu angu-15 emidlalweni engu-10. Isele ngamaphuzu angu-15 eqenjini eliqhwakele, iMamelodi Sundowns, ibe phambili ngayisishiyagalolunye kwelisemsileni, iMagesi FC.
Amakhosi azobuyela enkundleni eseyobhekana neCape Town City emdlalweni weligi ngeSonto ntambama, eKapa.