UMQEQESHI igama lakhe elilokhu limataniswe njalo neKaizer Chiefs kusukela nyakenye, uNasreddine Nabi waseTunisia, ubhoboke okokuqala ngezingxoxo, athe ziyaqhubeka phakathi kwakhe naleli qembu laseNaturena kodwa wakucacisa ukuthi akulona lodwa elikhombisa intshisekelo ngaye.
Kusukela kusongwe enye yamasizini eDStv Premiership iChiefs efuna ukusheshe iwakhohlwe ngenxa yodaka elushaye kuyona iqeda ngaphandle kwe-Top 8, igama likaNabi lilokhu lisematheni kuleli.
Nangesizini edlule, lo mqeqeshi obonakala eyinyama emaqenjini ase-Afrika, uke wabikwa njengoseqede konke neChiefs kodwa kwagcina kucacile ukuthi bekungelona iqiniso.
Esikhundleni salokhu, iChiefs yagcina yethula uMolefi Ntseki njengomqeqeshi eqale ngaye isizini edlule. Akahlalanga isikhathi eside uNtseki kule sikhundla njengoba exoshiwe, kwabanjiswa uCavin Johnson kusukela ngo-Okthoba, okunguyena oqede le sizini kubheda.
Ngokwekhasi lika-X leBeIN Sports okuyi-website egxile kunobhutshuzwayo wasemazweni asenhla ne-Afrika, lo mqeqeshi usendleleni ebheke kwiDStv Premiership ngesizini ezayo, uma kungeke kushintshe lutho isigubhukane.
“Umqeqeshi waseTunisia, uNasreddine (Nabi), useyazisile i-AS FAR yaseMorocco ukuthi uzoyishiya ekupheleni kwesizini kulandela ukuvumelana kwakhe nezinkunzi zaseNingizimu Afrika, iKaizer Chiefs,” kubhalwe kanje ekhasini lale website.
Ukuphawula kukaNabi ngezingxoxo neChiefs kuzwakale engathi kusengenzeka lo mqeqeshi angapheleli eNaturena.
“Kuliqiniso ukuthi ngiyaxoxa neqembu laseNingizimu Afrika futhi kukhona eselikubeke etafuleni kodwa kusemqoka ukucacisa ukuthi akulona lodwa engikhuluma nalo ngekusasa lami,” kusho uNabi kwabezindaba baseMorocco ngokweBeIN Sports.
“Kusemqoka nokukucacisa ukuthi ngaphambi kwanoma isiphi isinqumo kuzofanele ngiqale ngihlale phansi nosihlalo weqembu uMohamed (Haramou).
“Okwamanje ngisagxile ekuzameni ukukhuphula ukuzethemba kubadlali ngoba sisenethuba lokuzifaka kowamanqamu weThrone Cup ngokunqoba kwiMaghreb Fez,” kuphetha uNabi.
Lo mqeqeshi onenkontileka esasalelwe isizini kuleli qembu laseMorocco ukhuluma kanjena nje, i-AS FAR isishwebe ngephuzu elilodwa isicoco seBotola Pro League yaseMorocco ngeledlule.
Sidliwe iRaja Casablanca eqeqeshwa uJosef Zinnbauer noFadlu Davids, abake basebenza ndawonye kwi-Orlando Pirates kumasizini ambalwa adlule.
Umdlalo we-AS FAR owandulela owamanqamu neMaghreb Fez okungase kube owokugcina kaNabi uma bekhala ngaphansi ungeSonto (June 23).
Yize iChiefs ingazimisele ukukhuluma ngekwenzayo njengoba isizini ivaliwe, uma igcina ngokumshweba uNabi njengoba esho ukuthi baningi abameshelayo, isengabuyela kuPitso Mosimane, Benni McCarthy no-Alexandre Santos, obeqeqesha iPetro de Luanda yase-Angola, nabo okuke kwavela ukuthi leli qembu liyaxoxa nabo.