INJINI yaMaZulu FC, uBen Motshwari, ifuna basebenzise umdlalo wabo olandelayo neKaizer Chiefs ukudlulisa ukuphoxeka abakuzwe emdlalweni wokuqala we-Betway Premiership.
Usuthu luvule ngebatha kwiligi ngesikhathi luthelwa phansi yiPolokwane City ngo 2-1 e-Old Peter Mokaba Stadium ngoMgqibelo odlule.
Igoli elinike iRise and Shine amaphuzu aphelele lingene ngesikhathi esengezwe ngunompempe, livalelwa nguThabang Matuludi enethini kulandela iphutha elenziwe ngunozinti uVeli Mothwa.
AmaZulu azobuyela enkundleni ngoSepthemba 25, lapho ezodudulana khona neKaizer Chiefs eMoses Mabhida Stadium ngo-7.30 ebusuku.
Iqembu lasePhefeni lona libuye nawo egcwele amaphuzu kowokuvula ngokunqoba iMarumo Gallants ngo 2-1 eBloemfontein.
“Umdlalo esizowudlala neChiefs umqoka kakhulu kithina, ikakhulukazi njengoba sizobe sidlalela ekhaya. Ngeke kube wumdlalo olula kwazise sihluliwe kowokuqala weligi, kodwa siyazethemba. Sikhombisile ngesizini edlule ukuthi siyakwazi ukwenza kahle uma sibhekene namaqembu amakhulu,” kusho uMotshwari.
“Sizowulungiselela kahle lo mdlalo kuleli sonto, sizame ukulungisa lapho singenzanga kahle khona emdlalweni odlule. Kuningi okuhle esikwenzile kodwa futhi kukhona lapho kumele sithuthuke khona.”
UMotshwari uthe balindele ukuthi abalandeli baphume ngobuningi babo kulo mdlalo nokuyinto ezobakhuthaza enkundleni.
“Akudingeki ukuthi umqeqeshi asigqugquzele kakhulu uma sekufanele sidlale namaqembu afana neChiefs, Pirates noma iSundowns. Kuhlale kuyinselelo ukubhekana nawo kodwa sikholwa wukuthi ukugcwala kwabalandeli kuzosinika ukuzethemba nathi,” uqhube kanje uMotshwari.
"Kufanele sigxile kulokhu okufanele sikwenze nalapho sifuna ukufinyelela khona njengaMaZulu. Yebo, kumele siyihlelele iChiefs njengeqembu esizobhekana nalo kodwa sigxile kakhulu ezintweni ezizosithuthukisa, sikhohlwe amaphutha esiwenzile sibhekene nePolokwane.
“Kuzoba wumdlalo omkhulu kodwa asifuni ukuzifaka ngaphansi kwengcindezi ngoba sizodlala neChiefs. Ngilindele ukuthi kube wumdlalo osheshayo futhi amaqembu azwane amandla esiswini. Banabadlali abanamandla kodwa nathi sizozilungiselela.”
Amathikithi alo mdlalo adayiswa ngo-R60 lilinye eTicketPro nasesitolo i-AmaZulu Fan Experience esiseMoses Mabhida Stadium.