UKHUTHAZWE ukubona iqembu lakhe liqoqa amaphuzu agcwele kwiDStv Premiership ngokuthela phansi iSekhukhune United ngo-2-0 umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka.
Igoli lokuqala liqhamuke ngeshodi likaThabo Matlaba sekuzoyiwa ekhefini, elesibili lavalelwa nguRuzaigh Gamildien ngasekupheleni kwesiwombe, iThwihli Thwahla yaphuma iwagodle wonke amaphuzu eChatsworth Stadium ngempelasonto.
Ibinqoba okokuqala selokhu yaguqisa iLamontville Golden Arrows ngo-2-1 ekuqaleni kukaFebhuwari, emdlalweni wokuqala kaMaduka ngemuva kokukhuza ibuya kuleli qembu.
Kusukela lapho ibisicoshe amaphuzu amabili emidlalweni emibili yeligi, ibambana ngo-1-1 neSuperSport United naMaZulu.
Ukunqoba lo mdlalo kusize i-AM yahlanganisa amaphuzu angu-29 ngemuva kwemidlalo engu-22, okusho ukuthi isishoda ngelilodwa ukuthi ifinyelele kwangu-30, nokuyisibalo abaqeqeshi abavame ukujaha ukufika kusona ukuze benyuse amathuba okuphepha ezembeni.
UMaduka usebheke ukuthi basebenzise lo mphumela ukubuyisa ukuzethemba emidlalweni ezayo yize kusekhona okumele bakulungise.
“Kade siwubhekile umphumela ofana nalona, kuhle kakhulu ukuthi iqembu linqobe ukuze kubuye ukuzethemba. Iqembu liyathuthuka umdlalo nomdlalo,” kusho uMaduka.
“Kunezikhathi lapho silahle khona ibhola kungenasidingo, nokuyinto okumele sizame ukuyilungisa.
"Sikwazile ukuphuma engxenyeni yethu yenkundla futhi safika eduze kwebhokisi labo kaningi kodwa uma sesifikile besingekho bukhali ngokwanele. Sizoqhubeka nokuzama ukuthuthukisa iqembu.”
Mayelana nomdlalo uMaduka uthe: “Lo mdlalo neSekhukhune siwuqale kahle, ngicabanga ukuthi besiwuphethe. Sibe ngcono ngemuva kokushaya igoli lokuqala yize besingenza okungcono ukube sithathe izinqumo ezingcono ngaphakathi naseduze kwebhokisi ngoba ngaleso sikhathi bebengasiniki zinkinga emuva.
“Ngesiwombe sesibili, besazi ukuthi bazoza kithina futhi kwenzeka kanjalo. Basihlasele ngamabhola amade futhi bekunzima kodwa abafana bethu bakwazile ukumelana nalokho.
“Besazi futhi ukuthi bazothumela abadlali abaningi phambili ukuze bazame ukuthola igoli lokulinganisa, bese sikwazi ukubahlasela ngokuzuma. Sibahluphe kanjalo saze salithola igoli lesibili.”
IThwihli Thwahla izobuyela enkundleni ngoMgqibelo, lapho izobhekana neLamontville Golden Arrows emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup.