UKHUNGATHEKILE umndeni womdlali webhola, uThulani Cele, okuvela ukuthi uboshiwe phesheya kwezilwandle ekade eyozama inhlanhla eqenjini laseGeorgia, iGraga FC.
UCele (22) wakwa-B eMlaza, ubekade eseqenjini leNedbank Ke Yona elidlale nompetha beNedbank Cup bango-2019 iTS Galaxy. Uyena owashaya igoli behlulwa ngo 2-1 eKameelrivier Stadium eMpumalanga.
Emuva kweKe Yona uCele ujoyine AmaZulu kodwa wagcina ebolekiswa kwiTS Sporting kwiGladAfrica Africa Championship.
NgoMsombuluko kwi-SAFM, umndeni wakhe uveze ukuthi akakaze abuye ekhaya kusukela ahamba ngo-Ephreli 10 elibangise eGeorgia, e-Europe, emuva kokuxhumana nemenenja yaseGoli.
Kuthiwa imenenja yaseGoli imxhumanise neseGeorgia okuthiwa nguBaggio Collen nokuyilapho kuqale khona izinkinga.
Ugogo kaCele, uLindiwe Shongwe, ekhuluma neSolezwe ngoLwesibili, uthe bagcine ukukhuluma nomzukulu wakhe ngesikhathi emfonela, emtshela ukuthi useboshiwe esikhumulweni sezindiza saseGeorgia ezogibela ibhanoyi elibuyela eNingizimu Afrika.
"Sigcine ukukhuluma naye ngoJuni 4 engitshela ukuthi useyabuya, basathathe i-passport yakhe kodwa sekuphele isikhathi eside (bengabuyi nayo). Emuva kwesikhathi ungitshele ukuthi sebebuye namaphoyisa, useyaboshwa. Akakwazanga nokuchaza ukuthi kwenzekeni," kusho ugogo uShongwe.
Uqhube wathi ukuhlupheka kumzukulu wakhe kuqale ngemuva kokulaxazwa ehhotela eGeorgia yimenenja yakhona lapho ebengenakho nokudla futhi engenayo nemali yokukhokhela indawo yokuhlala. Lokhu kwenzeka phezu kokuba le menenja beyimfakelile imali yokukhokhela ihhotela. UCele ugcine esejoyinwa ngomunye umdlali obeqhamuka eGoli okuthiwa nguMashego naye obekade ethenjiswe izulu nomhlaba.
"Ehhotela bagcine sebekweleta u-R25 000. Umnikazi walo ubambe ama-laptop abo nama-passport. UThulani ungitshele ukuthi uMashego uthi uzobuyela eNingizimu Afrika ayozama imali ngoba yena vele uyasebenza, bese eyithumela kuyena ukuze naye abuyele ekhaya. Umnikazi wehhotela uvumile ukubanika izinto zabo kodwa uMashego akabange esakhokha, ubelokhu emtshela ukuthi usendleleni ebheke ebhange," kusho uShongwe.
"Ngenxa yokuthi kade selidlulelwe yisikhathi ithikithi lakhe lokubuya (kwakumele abuye ngoMeyi), ngimyalele ukuthi akayobuza esikhumulweni sezindiza ukuthi yimalini okufanele ayengeze. Nangempela ukwenzile lokho, sayithumela imali ewu-R3200. Ukuqinisekisile ukuthi uyitholile, wakhokha. Ulibangise esikhumulweni sezindiza nokuyilapho eboshwe khona ngoJuni 4."
Imizamo yokuthola imenenja ekuleli okuyiyona eyahambisa uCele ayikaphumeleli.