ASANKENTEZA ezindlebeni amazwi kaPitso Mosimane, kumdlali weMamelodi Sundowns uKeletso Makgalwa, ocele ukubolekiswa ngenxa yokuphenduka ukudla kwebhentshi eChloorkop.
UMakgalwa wenyuselwe esikimini esikhulu seSundowns nguMosimane emasizini adlule emuva kokugila izimanga kwiDStv Diski Challenge. Nokho usephila ngokubolekiswa ngenxa yokwehluleka ukudla ijezi esikimini somqeqeshi uRhulani Mokwena, esishaya ngenqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu.
UMokwena, odinga ukwehlula iCape Town City ngo-Ephreli 1 ukuze awine iligi neSundowns, useqalile ukudlalisa abadlali abasebancane okuyinto ebiyivela kancane phambilini eChloorkop.
Kule sizini uMakgalwa ubolekiswe kwi-All Stars edlala kwiMotsepe Foundation Championship. Ngesikhathi kuqala isizini ubolekiswe kwiTS Galaxy kodwa akasitholanga isikimu khona, wabuyiswa ngoJanuwari, njengoba esekwi-All Stars.
"Ngikhulume naye nyakenye (Mosimane). Uhlala engitshela ukuthi ngisebenze kanzima futhi ngisebenzise amathuba engiwatholayo. Angikukhohlwa lokho. Ungumqeqeshi omuhle kakhulu. Ngiyamkhumbula, Ngiyamkhumbula kakhulu. Sengikulungele ukubuyela kwiSundowns ngiyolwela indawo yami," kusho uMakgalwa.
UMosimane useqeqesha i-Al Ahli Suadi, yaseSaudi Arabia.
Emaqenjini abolekiswe kuwona uMakgalwa ushiya kungasekuhle. IMaritzburg United imbuyisele kwiSundowns maphakathi nesizini, ikhala ngokwehluleka kwakhe ukuziphatha. Uthe yinto adonswe ngendlebe ngayo nanguMokwena ukuthi angakhulumi ngayo kwabezindaba. Kwamanye amaqembu abolekiswe kuwona okuyiTS Galaxy neSwallows, akaphindanga wabuyela.
"Umqeqeshi lapha (Sinethemba Badela) uyaxhumana noRhulani ngakho konke esikwenzayo. Ngakho akukho ukuvilapha ngoba ngiyazi ukuthi uma ngingasebenzi kanzima lokho kuzofika kwiSundowns ngokukhulu ukushesha. Kufanele ngibeke umqondo wami (kwengikwenza lapha). Sengehlile emzimbeni. Lokho kuyakhombisa ukuthi ngiyafuna ngempela ukusebenza," kusho uMakgalwa.
Ukubolekiswa kukaMakgalwa kuzomlahlekisela ngethuba lokwengeza indondo yeligi yeDStv Premiership, ezitholwa ngabadlali beSundowns ngokuwina isicoco. Kungenzeka aphuthelwe nangeyeCaf Champions League. ISundowns iphakamise iligi ekhona kabili ngesizini ka-2017/2018 neka-2019/2020. Leli qembu linethuba lokudla isicoco seCaf Champions League ngoba lizibekisele indawo kuma-quarterfinal omqhudelwano kanti lisesigabeni esifanayo nakwiNedbank Cup, eliyinqobile ngesizini edlule.
"ISundowns yiqembu elikhulu elifuna ushaye into ecokeme ngaso sonke isikhathi nokuwina njalo. Idlala kwiChampions League, ngisho nakwiClub World Cup. Ngibona beyiwina iChampions League. Lesi yisikimu seSundowns esiqine kunazo zonke. Umqondo wabo ulungile futhi basebenza kanzima beyiqembu. Akekho umdlali ongenela ukuzozihambela nje enkundleni. Banobudlelwano obuhle nomqeqeshi uRhulani nalo lonke ithimba labaqeqeshi. Konke kuzohamba kahle," kusho uMakgalwa ngeqembu lakhe.
I-All Stars abolekiswe kuyona isendaweni yesihlanu kwi-log yeMotsepe Foundation. Ingemuva ngamaphuzu ayishishiyagalolunye emaqenjini aphezulu (endaweni yokuqala neyesibili). Sekusele imidlalo eyisithupha kwiligi, okusho ukuthi uMakgalwa nozakwabo basangakulwela ukuqoqa amaphuzu agcwele kuyona ukuze bazibeke okungenani ethubeni lokudlala kweyokuhlungela ukungena kwi-DStv Premiership ekupheleni kwesizini. Kodwa konke kuzoncika ekutheni enza kanjani amaqembu abangaphezulu kwabo, okuyiHungry Lions, Polokwane City, Casric Stars neCape Town All Stars.