OMUNYE wabadlali abebeyingxenye yeBafana Bafana koweNdebe yoMhlaba ngo-2010, uThanduyise “Gonondo” Khuboni, usakhala ngethuba athi layekwa iSouth African Football Association (Safa) ngesikhathi idedela, uPitso “Jingles” Mosimane, emuva kwalo mqhudelwano owawulapha eNingizimu Afrika.
UKhuboni owaqala umdlalo weFrance osekungumlando ukuthi iBafana, yawunqoba ngo 2-1 kweyamaqoqo kulo mqhudelwano, wayengomunye wabadlali kule sikwati esasiqeqeshwa, inkakha yaseBrazil, uCarlos Alberto Parreira.
Isikhalo sikaKhuboni ngethuba abona layekwa yiSafa ngokuxosha uMosimane usitshele leli phephandaba ngasekuqaleni kwesonto lapho ebeyisimenywa khona kwi-Isolezwe Cup esongwe e-UKZN Edgewood Campus ngoMsombuluko.
UMosimane wayeyiphini likaParreira kodwa, wathi ungaphela lo mqhudelwano, wazithatha ngokugcwele izintambo ngesivumelwano neSafa sokuthi uzofaka leli qembu lesizwe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), eyayiseGabon nase-Equatorial Guinea ngo-2012.
Isivumelwano seSafa noMosimane kwakuwukuthi uzoliqala phansi iqembu. Alibumbe kabusha kodwa ubudlelwano baphazamiseka ngesikhathi esehluleka ukufaka iBafana kulo mqhudelwano, owagcina unqotshwe yiZambia
NgokukaKhuboni owayengukaputeni weLamontville Golden Arrows isikhathi eside, ukuba iSafa yaba nesineke noMosimane konke okunconywa ngeMamelodi Sundowns ngabe kwenzeka eqenjini lesizwe.
UMosimane wajoyina iSundowns ngo........ kungayihambeli kahle kwiligi kodwa wayakha, yanqoba izicoco zeligi okuhlanganisa neseCaf Championship League njengoba ingabambeki kwiDStv Premiership namanje.
“Ngeke sikubalekele ukuthi uMosimane akazange anikwe ithuba elanele lokusibumba ngendlela ayefisa ngayo isikwati sakhe,” kusho uKhuboni.
“Okusijabulisayo kulezi zinsuku ngeBafana ngabe kade saqala ukuzidla izithelo zakho futhi ngabe sibalwa namazwe aphambili e-Afrika ukuba iSafa ayizange imdedele kalula uMosimane.
“UMosimane wayesehlanganise kahle futhi encele ngendlela kuParreira kodwa ithuba lokuveza abesekufundile akazange alinikwe.
“Okwenzeka kwiSundowns manje isandla sakhe futhi uma kungafika omunye umqeqeshi ayishintshe indlela okwenziwa ngayo, leli qembu ngeke likhonye njengoba lenza.
“Akukho okungenziwa ngoba izinqumo zagcina zithathiwe futhi neBafana yenza kahle kulezi zinsuku kodwa ngisakhala ngethuba esiliyekile ngoMosimane,” kuphetha uKhuboni.
Ngaphandle kokuzakhela igama emhlabeni njengomunye wabaqeqeshi abahlonishwayo e-Afrika, kusukela iSafa yamkhomba indlela uMosimane usedle izicoco okukhona ezinhlanu zeligi, Telkom Knockout (2), Nedbank Cup (1), Caf Champions League (2) Caf Super League (2) neSundowns ne-Al Ahly yase-Egypt ngokwahlukana.
Ngo-2016 wavotelwa njengomqeqeshi ongcono kunabo bonke abasebenza e-Afrika. Ngesizini edlule uMosimane udle isicoco ne-Al Ahli yaseSaudi Arabia ebidlala esigabeni esiphakela esikhulu.