UMDLALI wasemuva kwiMamelodi Sundowns, uGrant Kekana, ufunga uyagomela ukuthi bazovuka bazithathe ngomdlalo weBetway Premiership abazobhekana kuwo neCape Town City namuhla ebusuku.
ISundowns ebuya endukwini ka 1-0 eyithole kwiPolokwane City ngeSonto, izotholana phezulu neCitzens, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, namuhla ngo-7.30 ebusuku.
Ukushaywa kweSundowns yiPolokwane kungabhekiwe, kuphazamise umgqigqo wayo wokunqoba imidlalo emine yePremiership ilandelana, yagudluka nasesicongweni se-log, kwahlala i-Orlando Pirates.
“Silindele umdlalo onzima kwiCape Town City. Isayine abadlali abahle kule sizini, nokusho ukuthi inabadlali abasezingeni.
Phezu kokuba bengayiqalanga kahle isizini kodwa siyazi ukuthi iyiqembu eliyingozi ukubhekana nalo, ngakho ngeke nangephutha sibathathe kancane, sizokulwela ngempela ukubuya newini,” kusho uKekana.
“Ngemuva kokushaywa kwethu yiPolokwane, sizimisele ngokulungisa amaphutha, senze kangcono kakhulu kulo mdlalo esiyowudlala neCity.
Siyakwazi okulindeleke kithina njengeqembu leSundowns ngaso sonke isikhathi uma singena enkundleni yebhola, okuwukuthi sishaye umsebenzi ngaso isikhathi, sibuye nemiphumela emihle.”
Umdlalo wanamuhla wamaSandawana ne-The Citizens, uyisendlalelo somdlalo wayo neKaizer Chiefs wama-quarterfinal eCarling Knockout Cup, obhekwe ngabomvu yiningi labalandeli bebhola ozodlalelwa e-FNB Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
AmaSandawana ayobhekena neThe Citizens engayiqalanga kahle le sizini ka-2024/2025 yePremiership, emidlalweni emine esayidlalile isanqobe owodwa, yadlala ngokulingana kwemibili, yahlulwa kowodwa.
Lokhu kwenza leli qembu eliqeqeshwa ngu-Eric Tinkler libalwe namaqembu asemshungwini walawo alwela ukusuka endaweni engaphephile ezembeni zibekwa nje ebhandeni, njengoba isendaweni ka-12 kwi-log.