UZIBONA kusenguyena umqeqeshi ongaguqula isimo esibi iKaizer Chiefs ebhekene naso, uCavin Johnson, obanjiswe izintambo zokushayela umkhumbi waMakhosi kuze kube sekupheleni kwesizini yeDStv Premiership ka-2023/2024.
UJohnson ohleli ngesinqe esisodwa kulo msebenzi kulandela imiphumela engemihle kusukela kubuywe ekhefini lemidlalo yeFifa, ukholwa wukuthi i usawenza ngendlela umsebenzi futhi nabadlali bakhe basakholelwa emaqhingeni akhe.
Umbuzo ngobumbano ekhempini nokuthi abadlali basasidansela yini isiginci sakhe uphonswe kulo mqeqeshi ngoLwesibili ebusuku kulandela ukushayelwa kweChiefs ekhaya, eFNB Stadium ngo 1-0 iStellenbosch FC.
Le nduku elethwe igoli, likaDevon Titus, iwashiya emfimfa amathuba eChiefs okuqeda isizini eduze nendawo ezoyinika igunya lokumela i-Premier Soccer League (PSL) emiqhudelwaneni yeCaf ngesizini ezayo. Iqembu eliqeda endaweni yesibili lizohamba nompetha ukuyodlala kwiChampions League. Elizoqeda endaweni yesithathu linethuba lokuhamba nompetha beNedbank Cup liuyodlala kwiConfederation Cup.
Nokho ngendlela okwenzeka ngayo kuleli qembu laseNaturena okwamanje, kubukeka namathuba e-Top 8 ezoya ngokuncipha uma uJohnson nezakhe bengashintshi ukwenza emidlalweni esele.
Bese kungokwesine iChiefs ishaywa emidlalweni engu-13 kusukela ngo-Okthoba uJohnson ethathe lo msebenzi obewenziwa, uMolefi Ntseki, phambilini. Yize le midlalo ibukeka iyisibalo esincane, nokho okwenza iqembu linganyuki kwi-log wukuthi alikwazi ukubamba umgqigqo wokunqoba.
“Angikungabazi ukuthi abadlali basayilandela imithetho yami okufakazelwa indlela abebezinikele ngayo ngoLwesibili kwasho khona ukuthi besibhekene neqembu elicoboshisa kwasani olubekwa phambi kwalo kulezi zinsuku,” kusho uJohnson esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo neStellies.
“Ngiyakholelwa ekutheni ngikwenza ngendlela ebengikulandelwe iChiefs. Ngiyazi futhi ukuthi leli qembu ngeke lithule linganitsheli lutho uma kukhona elingeneme ngakho.
“Ibhadi elikhona ukuthi amagoli awafuni ukungena enethini. Ngaphandle kwalokho iqembu lami libumbene ngomqondo owodwa wokubuyisa udumo lweChiefs lweminyaka edlule,” kuqhuba yena.
UJohnson uvumile ukuthi kunomuzwa ongemuhle ekhempini ngenxa yomphumela weStellies kodwa umdlalo olandelayo ubanika ithuba elikahle lokuthoba izinhliziyo zabalandeli.
Amakhosi azovakashela iChippa United ngoMgqibelo eBuffalo City Stadium ngo-3 ntambama.
“Uma iphika imiphumela njengoba kwenzeka kithina, nakanjani kuzoba nokungenami kwabathile. Ngijabule ngabadlali bami nangokuzinikela kwabo kodwa umdlalo wethu neChippa (United) ngempelasonto usinika ithuba lokuyivala yonke le mvunge ekhona,” kuqhuba uJohnson.
Uzwakale sengathi akawuthandi umbuzo ngokuqhubeka kwakhe nokuziba, uReeve Frolser, abalandeli beChiefs ababona kunguyena ongcono kwesokudla emuva okuyindawo ebidlalwa, uZitha Kwinika, ngoLwesibili ebusuku.
“Umthetho webhola uwusivumeli ukuba sibophele abadlali abangu-30 ngesikhathi esisodwa kepha simelwe ukufaka abangu-11 kuphela.
“Lo mdlali ongibuza ngaye kufanele alwele ijezi njengabo bonke abanye, akukho okunye,” kuphetha uJohnson ngokunengeka.