UMQEQESHI weRichards Bay FC, uRonnie Gabriel, ubekulindele ukushintsha umshovo kweqembu emidlalweni yakamuva yeBetway Premiership. Uthi belivele lidlala kahle kodwa lehluleka ukuwina.
UGabriel ukusho lokhu ngemuva kokuba ezakhe zibuye namaphuzu amathathu futhi emdlalweni wasekhaya ngokushaya iPolokwane City ngo 2-0, kowePremiership ngoMgqibelo.
Nakuba iRichards Bay ingakasuki ngokuphelele esishozini okudlalela kuso izembe njengoba isendaweni ka-13 kwi-log yePremiership kodwa ukubuya namaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emithathu yasekhaya yakamuva, yikho kanye osekubuyise ithemba kuGabriel oqeqesha ngokubambisana noPapi Zothwane.
Ngaphambi kokuguqisa iPolokwane esefomini, iNatal Rich Boyz ibiqeda kushaya iMarumo Gallants ngo 2-1. Ngaphambi kwalokho ibibuye nephuzu ibambana ngo 0-0 neMagesi FC. Umgadli osemncane uNtlonelo Bomelo ushaye igoli lesibili behlula iGallants, wakuphinda lokho behlula iPolokwane.
“Bengilokhu ngisho ukuthi sidlala kahle kodwa imiphumela iyasiphika. Lokho kukhuluma kwami mhlawumbe bekungenza ongayibuki imidlalo yethu azitshele ukuthi bengizithethelela nje ngoba sihluleka ukuwina,” kusho uGabriel.
“Nangenkathi sidlala nePirates (Orlando), neSundowns (Mamelodi), sashaywa sidlala kahle. Kwaba ngesifanayo nangenkathi sishaywa yiSuperSport (United), singenelwa yigoli ngemizuzu yokugcina. Uyabona, ukuba besingawalahli amaphuzu ngabe sikhuluma indaba yokuthi sibalwa namaqembu akuTop 8 manje.
“Sidlala ibhola elihle elinendluzula ekuhlaseleni futhi sakha amathuba amaningi okushaya amagoli cishe ukwedlula amaqembu amaningi kwiligi muva nje.
“Besihlulwa nje ukuqedela umsebenzi uma sesifike emapalini kodwa siya ngokuya siba ngcono siyilungisa leyo nkinga njengoba sesiqala ukushaya amagoli.”
Nokho lo mqeqeshi ukuqonda kahle ukubaluleka kokuthi abadlali bakhe bangakuvumeli ukungenwa wumoya wokuhudula izinyawo ngoba bebona izinto seziqala ukulunga.
“Akufanele bavuvukalelwe ngamakhanda (abadlali) ngokunqoba nje imidlalo emibili ilandelana ngoba usemkhulu umsebenzi osasihlalele, asikasuki ezansi ne-log.
“Kufuneka siqhubeke nokusebenza kanzima, sifeze inhloso yethu yokukhuphuka kwi-log size sifike mamaphezulu ne-log okuyiyona ndawo efanele leli qembu,” kuqhuba uGabriel ngokuzethemba.
IRich Boyz izobuyela ensimini ngomdlalo wasekuhambeni neStellenbosch FC, ngoFebhuwari 21, eDanie Craven Stadium, eStellenbosch.