UMGADLI wePlatinum City Rovers, uNkanyiso "Lalavuka" Ndima, uthi phansi amaphaphu, akukho okonakele kuleli qembu lakhe elingayiqalanga kahle imidlalo yeMotsepe Foundation Championship.
UNdima (24), ukholwa wukuthi basabhekene nenkinga yokubalekelwa yinhlanhla kule midlalo yokuqala yeligi.
Selokhu kuqale isizini ka-2022/23, izinto kaziyihambeli kahle iRovers njengoba isashaywe kuyona yonke imidlalo.
Ishaywe i-All Stars, Venda, Tshakhuma, ngempelasonto edlule iqhubekile nokudedela amaphuzu ithelwa phansi yiHungry Lions ngo-3-2.
Lokhu sekwenze yabamba ibhuleki emsileni kwi-log yeChampionship. Isingenelwe amagoli ayisikhombisa, yona ishaye amathathu kuphela.
Emdlalweni odlule, uNdima odabuka esigodini iMfongosi, eNkandla, udlale okokuqala kwiRovers.
Omunye othole owokuqala u-Oupa "Ace" Manyisa owazakhela igama kwi-Orlando Pirates nakwiMamelodi Sundowns.
UNdima uthe kuyona yonke imidlalo asebeyidlalile babulawe ukulahla amathuba.
"Ngiyazi ukuthi kubalulekile ukuthi siyinqobe yonke imidlalo. Nakuba kunjalo kuyajabulisa ukuthi amaphutha siwenze imidlalo yeligi isanda kuqala. Sidlala ingcwenga yebhola bese sihlulwa ukushaya amagoli. Njengoba kuyikhefu leFifa (kuzophunyulwa amasonto amabili) sizothola ithuba elanele lokulungisa amaphutha. Kasizogoduka ukuya amakhaya, sifuna ukuya emdlalweni olandelayo konke sokuqondile," kubeka uNdima.
IRovers ithathe uNdima kwiNkandla Mayoral Cup ezinyangeni ezedlule. Wathatha amehlo abaningi eshaya amagoli ayisithupha kulo mqhudelwano. IRovers kayibange isapholisa maseko, yamfaka emabhukwini ayo.
Lo mgadli uveze ukuthi kakumethusi nakancane ukuthi phambili, ijezi ulibanga noLerato Lamola owazakhela igama kwiBloemfontein Celtic nakwiLamontville Golden Arrows.
"Empeleni ukudlala noLamola noManyisa sekungifundise okuningi ngebhola lePSL (Premier Soccer League). Ngaphansi kwesandla sabo ngizibona ngihamba ibanga elide kwiPSL. Angifuni ukutatazela, ngizimisele ngokufunda okuningi ngaphambi kokuthi ngijahe ukunyukela kwiDStv Premiership.
“Ngaphandle kokuthi ngizifakele ingcindezi kodwa kule sizini, ngifuna ukushaya amagoli angaphezulu kweshumi. Ngifuna nokusiza iqembu lami ukuthi liqede lisendaweni ehloniphekile kwi-log yeMotsepe Foundation Championship," kusho uNdima.
Umdlalo olandelayo weRovers izogadulisana neCape Town Spurs, ngo-Okthoba 2, e-Olen Park.
Elinye iqembu elidonsa kanzima iPretoria Callies nayo engakanqobi nomdlalo owodwa. Isendaweni yesibili uma kusukwa emsileni ngephuzu elilodwa. Kodlule ishaywe ngo-1-0 yi-University of Pretoria.
Phezulu kuqhwakele iTshakhuma neLions ngamaphuzu ayisishiyagalolunye iqembu ngalinye.
Uthongathi okuyilona lodwa iqembu laKwaZulu-Natal, elidlala kulesi sigaba lusendaweni yesine, ngamaphuzu ayisishiyagalombili. Ngempelasonto edlule lubambane ngo-1-1 neMM Platinum. Luzoze ludlale ngo-Okthoba 1 ne-All Stars, eTsakane Stadium.