UMQEQESHI waMaZulu FC, uRomain “Fohloza” Folz, akangabazi ukuthi kuzosiza iqembu lakhe linombele kwi-log yeDStv Premiership ukuhlabana ngoSede Junior Dion, wase-Ivory Coast asebenze naye kwiMarumo Gallants.
Yize Usuthu lubophele abagadli abahlonishwayo kwiligi enkulu yakuleli njengoGabadinho Mhango, Lehlohonolo Majoro, Bongi Ntuli, Augustine Kwem noMsindisi Ndlovu, uFolz uyakholelwa ekutheni uDion wuyena ozoba yimpendulo.
UDion obeyisithenjwa sikaDan Malesela, kwiGallants usayine inkontileka noSuthu echazwe njengende, ngokusho kukasihlalo walo, uSandile Zungu, ngesikhathi emethula ngeledlule.
Ngemuva kokwakha indathane yamathuba, Usuthu luphinde lwacazelana ngamaphuzu neSekhukhune United kuba u 0-0, kwiDStv Premiership ngempelasonto, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
“Okuhle kakhulu ngokusayinisa kwethu uDion, wukuthi ngiyamazi, ngakho-ke kanginakho ukungabaza ngokuthi amathuba esiwakhayo uzowaphendula amagoli,” kusho uFolz ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo weSekhukhune.
“Sesizoba nesithunzi manje ebhokisini lezitha ngoba uDion uyakwazi ukuligcina kuyena ibhola ngisho ngabe uzungezwe yizitobha ezingaki.
“Ungumdlali weqophelo eliphezulu, okukhonjiswa nayindlela enza ngayo kulesi sikhashana efikile uma siziqeqsha.
“Maningi manje amathuba okuthi asebenze ngendlela (amathuba) esiwakhayo ngoba sesizoba yingozi nakakhulu ebhokisini.
“Uma isikhathi sesifanele uzobonakala enkundleni uDion (osethe efika ngakho kodwa waxhumana kalula ngokomoya nabadlali abafice eqenjini),” kulandisa uFolz.
Lo mdlalo Usuthu oluwuqede lungasaphelele kulandela ukukhishwa kuka-Ethan Brooks ngekhadi elibomvu ngemuva komzuzu ka-60, uke wama imizuzu eyisithupha odokotela bexilonga omunye umdlalo walo, uGeroge Maluleka, oshayeke phansi engamakwe muntu.
Lo mdlali wodumo kwi-Ajax Cape Town, Kaizer Chiefs neMamelodi Sundowns ubuye wavuka nokho waqhubeka nomdlalo kwaze kwaba uyaphela.
“Yize ngingeyena udokotela kodwa ngimbona engenankinga uMaluleka ngoba ukwazile ukuvuka abuyele enkundleni ngaphandle kwenkinga.
“Ngitshelwe ukuthi ubenenkinga yokuphefumula, engicabanga wukuthi idalwe ukuthi bese kunesikhathi abadlali begcine ukuba senkundleni emdlalweni weligi.
“Mhlawumbe ubelala phansi ngoba enika thina sonke ithuba lokuphefumula ngoba bekunzima impela kuloya mdlalo, ikakhulukazi ngesikhathi singasaphelele,” kuphetha uFolz sakuncokola.
AmaZulu azobuyela enkundleni ngeSonto eyobhekana nomkhaya baKwaZulu-Natal, iRoyal AM eChatsworth Stadium, eThekwini ngo-3.30 ntambama.