UFISA ukuhlala isikhathi esigaphezulu kweminyaka emithathu yenkontileka ayisayine naMaZulu FC, uPablo Franco Martin, waseSpain, ongumqeqeshi omusha woSuthu obehlangatshezwe ngabalandeli beqembu ngoLwesine eKing Shaka International Airport, eThekwini.
Ngaphandle kwabalandeli, uMartin asebemqambe ukuthi wuCijimpi, ubezolandwa nawumengameli weqembu, uSandile Zungu obehamba nezinye izikhulu zaMaZulu.
Usuthu lumemezele ngeledlule ukuthi lusayinise lo mqeqeshi ogcine ukuqeqesha kwiSimba FC yaseTanzania kodwa onomlando wokusebenza njengephini kwiReal Madrid yaseSpain.
Uzwakalise enkulu injabulo ngendlela amukelwe ngayo uMartin, wase ethembisa nokuthi uzokwenza konke okusemandleni ukubuyisa izinsuku zenjabulo kuMaZulu ngebhola elimnandi elinemiphumela encomekayo.
“Ngizizwa ngisekhaya yize kusenemizuzu embalwa ngifikile. Konke lokhu kudalwa yindlela engamukelwe ngayo ngabalandeli kanjalo nomnikazi weqembu,” kusho uMartin kwabezindaba.
“Ngikuqonda kahle ukuthi ngijoyina iqembu elinomlando futhi elinabalandeli abakwaziyo abakufunayo ngeqembu labo ngakho-ke ngithembisa izinsuku ezimnandi zodwa kubona.
“Ngiyazi nginenkontileka yeminyaka emithathu kodwa ngifisa ukuthi ilokhu iqhutshezwa uma isiphelile okuyinto engiqondayo nokho ukuthi izofakazelwa yimiphumela enkundleni,” kulandisa yena.
UMartin ufika Osuthwini ngesikhathi esibi lapho belushintsha khona abaqeqeshi ngapha nangapha okwenze iqembu ladlalela ngasezembeni ngasekupheleni kwesizini edlule.
“Ingcindezi ayikho kangako ebholeni ngokwami kepha kunabantu abalala bengadlile okuyinto engicabanga ukuthi ingcindezi yangempela. Nalaba abalwa izimpi zombusazwe ngibabona njengabantu abanengcindezi hhayi entweni emnandi njengebhola.
“Kunobhutshuzwayo senza into esikhule sivele siyithanda ngakho angiboni ukuthi into enjalo isingaba nengcindezi ethusayo. Ngiwumuntu kanobhutshuzwayo. Ngithembisa ibhola elimnandi kubalandeli boSuthu,” kusho yena.
UZungu unanele ngeyakhe injabulo ngokuthola umqeqeshi amchaze njengonezimpawu zokubanika lokhu abakufunayo.
“Siphezu kwezinguquko ezinqala kuMaZulu esethemba ukuthi ngazo abantu bayosibuka basishayele ihlombe ngenxa yezinqumo esizithatha manje. Sizizwa sihloniphekile ukuthi usefikile umqeqeshi wethu esizobulala ngaye izizwe,” kusho uZungu sakuqholosha.