MAKHULU amathuba okuthi ukaputeni weMamelodi Sundowns, uRonwen Williams, angabuyi ngaphambi komdlalo wamagqubu weBetway Premiership neTS Galaxy eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngo-6 ntambama.
UWilliams akazange awudlale owe-last 16 yeNedbank Cup neMpheni Home Defenders nowangoLwesithathu neMarumo Gallants ngenxa yokulimala uCardoso akuchaze njengento engatheni.
Lo nozinti weBafana Bafana okucacayo uma engekho njengoba wagcina ukudlala ngoFebhuwari 11, eMbombela Stadium, lapho iSundowns yaphoxwa khona iGalaxy ngo 1-0 koweligi.
Okungangatshazwa ukuthi iSundowns isenegqubu ngalo mdlalo kwazise kwakungokwesibili iguqa kule sizini, yize umqeqeshi wayo achaza lo mphumela njengokuqhuzuka okungafanele kugxilwe kukona.
Njengoba uWilliams ebengadlali, indawo yakhe ibivalwe ngoDenis Onyango, okhishwe ngekhadi elibomvu benqoba iGallants ngo 3-1 eBloemfontein.
“Akungenzi ngingalali ebusuku ukuthi u-Onyango uthole ikhadi elibomvu ngoba onozinti bakhona kwiSundowns,” kusho uCardoso esithangamini nabezindaba.
“Okusemqoka ukubalula ukuthi uRonwen (Williams) ubengadlala nakoweGallants kodwa kwedlule u-Onyango udlale kahle ngakho bekunzima ukumkhipha engenzanga phutha.
“Ngokwami u-Onyango usisize kaningi koweGallants. Kumnandi ukuba nonozinti ofana naye kodwa ukungabibikho kwakhe ngeke kusiphazamise kangako.
“Ngiyakholelwa ekutheni uWilliams uzobe ewumqemane ukuthi angadlala kodwa uma kungenjalo bakhona nabanye onozinti abakulungele ukudlala ngaso sonke isikhathi uma bebizwa.
“Kukhona uJody (February), Reyaad (Pieterse) noSanele (Tshabalala), bonke abalilambele ijezi.”
Yize iGalaxy iqhuzukile kwiNedbank Cup ngesikhathi ikhishwa iDurban City kwi-last 16, ukushaywa iStellenbosch FC ngo 3-2 kade isihamba phambili ngamagoli amabili, kuzoyenza iphinde ibe yingozi kakhulu kompetha beligi.
Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership imi kanje:
Namuhla
Stellenbosch FC v Richards Bay FC (Danie Craven Stadium, 7.30pm).
Kusasa
Chippa United v Sekhukhune United (Buffalo City Municipality Stadium, 3.30pm); Orlando Pirates v Cape Town City (Orlando Stadium, 3.30pm); Mamelodi Sundowns v TS Galaxy (Lucas Moripe Stadium, 6pm); AmaZulu FC v Magesi FC (Moses Mabhida Stadium, 8pm).
NgeSonto
Marumo Gallants v Polokwane City (Dr. Petrus Molemela Stadium, 3.30pm); SuperSport United v Lamontville Golden Arrows (Lucas Moripe Stadium, 6pm).