UKUYEKA kwabaqeqeshi bamaqembu adlala kwi-Premier Soccer League (PSL) umkhuba wokuchizela abadlali ngenxa yeminyaka “emincane” yabo kuzokuba nomthelela omuhle kwiBafana Bafana ezama ukubuyisa isithunzi ebholeni lomhlaba.
Lona umbono, kaHugo Broos, oyinhloko yabaqeqeshi kuleli qembu lesizwe awusho ngaphambi kokuqala kwekhempu yokulungiselela oka-Group K wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ne-Uganda ngoLwesihlanu ekuhambeni.
Ukuze iBafana izibekisele indawo kwi-Afcon eseMorocco ngonyaka ozayo idinga ukuqoqa amaphuzu amathathu kowe-Uganda ekuhambeni noma koweSouth Sudan ngoNovemba 19 eCape Town Stadium, eKapa.
UBroos utshele abezindaba ngeledlule ngomhlangano abenawo muva nje, noNasreddine Nabi, weKaizer Chiefs, Manqoba Mngqithi, oqeqesha iMamelodi Sundowns noJose Riveiro, we-Orlando Pirates.
Kusukela kuqale isizini womathathu la maqembu athathwa njengamakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika ungathi ayaqhudelana ngokubophela abafana abancane kwemqoka yeligi neyezinkomishi.
UBroos ukubona lokhu njengegxathu eliya phambili kwazise ngokwakhe wonke amaqembu esizwe omhlaba aqiniswe ngabadlali abasavunywa iminyaka.
“Akusadingeki ukuthi uqalaze kakhulu uma ufuna ukubona umdlali osemncane eligini enkulu yaseNingizimu Afrika kunangesikhathi uqhathanisa ngesikhathi ngithatha lo msebenzi,” kusho uBroos.
Kusukela uNabi eqashwe kwiChiefs abadlali abakhulele ezinkulisa zabo, uWandile Duba (20), Mfundo Vilakazi (18) noMduduzi Shabalala (20) noSamklelo Zwane (22) sebephenduke izithenjwa.
Kwenzeka konke lokhu nje, uRiveiro ulokhu ekhombise njalo ukuthembela, kuRelebohile Mofokeng (20), asembophela nontanga yakhe, uMohau Nkota (19), muva nje.
KwiSundowns, uMalibongwe Khoza (20), Kutlwano Letlhaku (17) noNdumiso Mabena (17), bobathathu abebedlala kwiDDC esikhathini esedlule, balokhu bekhombise njalo ukuthi sebekulungele ukudlala eligini enkulu.
“Sesibile nomhlangano nabaqeqeshi bamaqembu amathathu athwathwa njengamakhulu kodwa ngeke ngenabe ngebesikudingida,” kuqhuba yena.
“Umhlangano ubumuhle futhi ubudingeka ngoba wonke umuntu uthole ithuba lokuhlanza okungaphakathi kuyena.
“Uhlelo ukuthi sihlangane sonke hhayi nalaba abathathu kuphela futhi nabo bayavuma. Lokhu kungase kwenzeke onyakeni omusha. Iqiniso ukuthi abadlali abancane ngokweminyaka bayikusasa leqembu lesizwe.
“Uma sonke sikubuka ngeso elilodwa njengoba sebevele beqalile abanye abaqeqeshi, iBafana izolokhu ikhule njalo okuzoyisiza inombele ize ibuyele esicongweni sebhola lase-Afrika,” kusho uBroos.
Elayizolo lishone sekubikwe ukuthi, uMihlali Mayambela, olimele ngeke esaba ingxenye yeqembu elizodlala kweyokuhlunga, indawo yakhe yathwathwa uDevon Titus weStellenbosch FC.