UKAPUTENI weSuperSport United, u-Onismor Bhasera, usezwakalise ukuthi engakujabulela ukusayina kukamkhaya wakhe, uKhama Billiat, kuleli qembu.
UBilliat (33) waseZimbabwe, ugcine ukudlala ibhola ngesizini edlule eyibamba kwiKaizer Chiefs. Amakhosi adalule ukuthi lo mdlali unyamalale isakhuluma eyokumnika inkontileka entsha, ingasamtholi nasocingweni lwakhe. Kuvele ukuthi uBilliat ubenganeme ngale nkontileka kwazise kade sewehlisiwe umholo abezowuthola.
NgoLwesine, kusabalale ukuthi uvumbuke ejimini yeMatsatsa a Pitori. Ekhuluma uBhasera ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azodlala ku-Last 32 yeNedbank Cup ngoLwesine ebusuku, uthe bengathanda ukuba noBilliat eqenjini.
“Yebo, ubeziqeqesha nathi. Yilokho engingakusho. Ufuna ukuhlala eqatha. Ngikhulumile naye. Ngicabanga ukuthi ngisho ngaphambi kokuthi sivale, ubefuna ukuba qatha. Ngeke ulindele ukuthi abenguKhama ayenguyena ngoba ubehlezi ekhaya futhi akekho bukhali. Kodwa ngicabanga ukuthi noma yiliphi iqembu emhlabeni lingathanda ukuba nomdlali wezinga likaKhama,” kusho uBhasera odlale noBilliat eqenjini lesizwe laseZimbabwe.
Uma uBilliat egcina esayinisile kwiSuperSport, akubuzwa ukuthi engayisiza ngesipiliyiini sakhe. Amatsatsantsa, adlala emqhudelwaneni iCaf Confederation Cup, ashaya ngenqwaba yabadlali abasebancane abaphuma kwiDStv Diski Challenge.
“Angazi ukuthi kuzokwenzekani. Sizobamba umoya ukuthi kubekhona okwenzekayo, asijoyine. Kodwa okwamanje, uKhama ujima nathi ukuze abe qatha. Ukuba naye eqenjini bonke bazokuthanda futhi nokuba nezinga likaKhama, sizothanda ukuba naye. Kuzoba yinto enhle ukwengenza ngaye uma kwenzeka esayina. Ungumdlali osezingeni eliphezulu,” kusho uBhasera.
Kwi-Last 32 yeNedbank Cup, iSuperSport iqhathwe neCape Town City. Kuvalwe unyaka ka-2023, isendaweni yesithathu kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-29 emuva kwemidlalo engu-16. Inamaphuzu alinganayo neCity esendaweni yesibili ngenxa yokungenelwa ngamagoli ambalwa.