UKUSONGA unyaka ngamaphuzu amathathu kwiSuperSport United kungaba esinye sezipho zikaKhisimusi angasithokozela umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker.
UBarker ukusho lokhu kulandela ukukhala ngaphansi kweStellenbosch ngo 1-0 kwiMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku eKapa.
NgokukaBarker iqembu lakhe likwenza konke okufanele kodwa liphikwe imiphumela njengoba kwenzekile kwemibili yokuqala yamaqoqo yeCaf Confederation Cup.
Yize iStellies isiwatholile amaphuzu ayo okuqala amathathu kwiConfed Cup kodwa ibhekene nengwadla yokuyidlalela ekuhambeni eyasekhaya kulo mqhudelwano.
Ngasekuqaleni konyaka ozayo iStellies izoyidlalela ePitoli eyasekhaya yeCaf njengoba iqale yasebenzisa iMoses Mabhida Stadium yaseThekwini.
Imizamo yayo yokuthola iCape Town Stadium ibhuntshe sekuvunyelwene ngakho konke njengoba isizoba sePitoli abazoyidlala neStade Malien yaseMali neCD Lunda Sul yase-Angola.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emuva komdlalo weSundowns eKapa uBarker ubeke lezi zingqinamba njengezinye zezizathu zokuthi kube sengathi iqembu lakhe liya ngokuya liyehla.
Uthe akukho nokho okungathoba inhliziyo yakhe njengokuvala unyaka ngamaphuzu amathathu kwiSuperSport United abadlala nayo ngoDisemba 28 ngo-8 ebusuku eLucas Moripe Stadium.
“Akukhona ukuthi ngicasha ngesithupha kodwa izimo esibhekene nazo njengeqembu okwamanje zinomthelela ekutheni siphikwe yimiphumela noma kungafanele,” kusho uBarker.
“Sidlala neSundowns ngoLwesithathu nje, sibuye e-Angola ngoMsumbuluko. Ngaphandle kwalokho siwatholile amathuba ikakhulukazi esiwombeni sesibili kodwa sawayeka. Ngiyazi ukuthi kubukeke sengathi yithina esisindile kulo mdlalo kodwa esiwombeni sesibili kube yiStellenbosch iqembu elikhombise ukudlondlobala.
“Ayikho into engangijabulisa njengokuthi siqale oweSuperSport ngendlela esiqede ngayo oweSundowns. Lokho kungaba wuKhisimusi omnandi kimina.
“Ngiyaqonda ukuthi iSuperSport ikhombisa izimpawu zokubuyelwa ifomu okufakazelwa imiphumela yayo emibili edlule kodwa uma singaqala ngendlela esiqede ngayo oweSundowns angingabazi ukuthi singawuvala ngegiya eliphezulu unyaka,” kusho uBarker.
Lo mphumela ushiye iStellenbosch endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-15 emidlalweni yeligi eyisishiyagalolunye.