UYAKUPHIKA umnikazi waMaZulu, uSandile Zungu, ukuthi basayinise uRichard Ofori ngoba befuna ukususa ezintini zabo uVeli Mothwa ongundaba mlonyeni kulezi zinsuku ngenxa yamaphutha awenze emidlalweni edlule.
UMothwa (33) uqale ukunenga abantu bakuleli ngesikhathi ededela igoli ebelibukeka lilula ngesikhathi iqembu lesizwe, iBafana Bafana, libambana ne-Uganda ngo 2-2 kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon).
Kungakapheli sikhathi esingakanani, lo nozinti uphinde esifanayo, AmaZulu eshaywa iPolokwane City ngo 2-1 kowokuqala we-Betway Premiership.
Ukusayiniswa ngokushesha kuka-Ofori (30) abaningi bakuhumushe njengokuqala kukaMothwa ukukhuhla ibhentshi.
Nakuba uZungu ekuphikile lokhu kodwa ukuvumile ukuthi ukufika kuka-Ofori kuzoshisisa umbango wejezi konozinti boSuthu. Laba bobabili ijezi bazolibanga no-Olwethu Mzimela (23) no-Andile Mbanjwa (26).
U-Ofori ungomunye wabadlali i-Orlando Pirates eqome ukungayivuseleli inkontileka yabo. Uchithwe nozakwabo uSiyabonga Mpontshana obesehlale isikhathi eside kuleli qembu.
"Okokuqala ngifuna ukucacisa ukuthi uVeli Mothwa ungomunye wabadlali boSuthu abawenza ngokuzinikela umsebenzi wabo. Ukwenza amaphutha kule midlalo edlule akumenzi umdlali omubi. Wonke umuntu uyawenza amaphutha," kubeka uZungu.
Uqhube wathi: "U-Ofori simlande ngoba sifuna ukuqinisa noma ukwandisa isibalo sonozinti. Ungumdlali wezinga eliphezulu. Isipiliyoni sakhe sizoba usizo ngisho nasekulekeleleni abaqeqeshi emsebenzini wabo. Ukufika kwakhe kuzoshisisa nombango wejezi eqenjini lethu."
UMothwa ufike kuMaZulu maphakathi nesizini ka-2020/21, ephuma kwiChippa United. Ukuwenza ngokuzimisela umsebenzi kuholele ekutheni ngo-2021 aqale ukubizelwa kwiBafana, njengoba esevimbe emihlanu kwelesizwe.
U-Ofori waseGhana, ufike kweZimnyama kweka-2020/21, ephuma KwiMaritzburg United eseyaziwa ngeDurban City. Bekukhonya yena wonke la masizini. Izinto ziqale ukubheda kweka-2022/23, evinjiswa ewu-13. Kwedlule kubhede kakhulu kunakuqala njengoba edlaliswe emithathu kuphela.
UJose Riveiro ocija eZimnyama, ubevimbisa uSipho Chaine okusakhonya yena namanje. Ngaphambi kokuthi u-Ofori ajoyine uSuthu, kuke kwavela ukuthi ufunwa iSimba SC yaseTanzania ecijwa uFadlu Davids. Eminyakeni edlule uDavids nalo nozinti bake basebenza ndawonye kwiMaritzburg nakuzo eZimnyama.