ISITOBHA saMaZulu FC, uThembela Sikhakhane, sikhathazekile ngendlela iqembu elihluleka ngayo ukubamba umgqigqo omuhle nakuba linenqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu.
Usuthu lusanqobe imidlalo emihlanu kwengu-20 yeDStv Premiership kule sizini. Lunqobe emibili kuphela kwengu-11 eseliyidlalile selokhu uRomain Folz, athatha izintambo zokuqeqesha ngo-Okthoba nyakenye.
Ngenxa yemiphumela engagculisi selwehlele endaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu angu-24 emidlalweni ngemuva kokushaywa yiTS Galaxy ngo 2-1 ngempelasonto edlule.
Le ndawo elihlezi kuyona ikude kakhulu kunamaphupho kamengameli weqembu uSandile Zungu, osekusho kaningi ukuthi ufisa ukuthi baqede bebalwa namaqembu amane aphezulu kwi-log.
“Angifuni ukuqamba amanga, kube buhlungu kakhulu kimina ukuhlulwa yiTS Galaxy. Uma ngikhuluma iqiniso asizange sidlale kahle kulowo mdlalo yingakho basihlula yize nabo bengadlalanga kahle. Angisho ukuthi iTS Galaxy iyiqembu elibhedayo kodwa lowa mdlalo ungikhombisile ukuthi kusekuningi okumele sikwenze,” kusho uSikhakhane kwabezindaba kuleli sonto.
“Asiyitholi imiphumela emihle, kwesinye isikhathi sidlala kahle sigcine sidlale ngokulingana esikhundleni sokuthi siwine, bese emdlalweni olandelayo siyahlulwa. Angazi ngempela ukuthi kwenzekani kodwa kukhona esingakwenzi kahle njengabadlali. Sidinga ukukhuphula amasokisi.
“Siyazama ukukhuthazana ngoba kunzima kule ligi. Unganqoba umdlalo owodwa ukhuphukele endaweni yesihlanu bese uhlulwa kolandelayo wehlele kunombolo 11. Le nto yokwehla senyuka ayiyinhle neze, sidinga ukudlala kahle siqoqe amaphuzu emidlalweni elandelanayo."
Usuthu lubheke ukucosha amaphuzu amathathu uma selubhekene neRoyal AM kowomkhaya baKwaZulu-Natal, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku eMoses Mabhida Stadium.
USikhakhane uyavuma ukuthi imidlalo yalolu hlobo ayilula neze kodwa kufanele balwele amaphuzu.
“IRoyal AM iyiqembu eliyingozi futhi angikusho nje lokho ngoba sizodlala nayo. Imidlalo phakathi komkhaya iyadida ngoba wonke amaqembu ayavuka futhi akhiphe unyawo,” uqhube kanje.
“Ungahlulwa imidlalo emine ilandelana kodwa uwunqobe owomkhaya ngoba uwinwa yilowo osuke ewulungele ngalolo suku. Yehlukile kweminye imidlalo.”
Ngesikhathi amaqembu ehlangene emzuliswaneni wokuqala womkhaya ngoJanuwari, kwanqoba iThwihli Thwahla ngo 2-0 ngamagoli kaMotebang Sera noMxolisi Macuphu.
Yize kunjalo isitobha se-AM, uMlungisi Sikhakhane, silindele umdlalo onzima futhi okungalula ukuqagela ukuthi uzohamba kanjani.
“Imidlalo yomkhaya ihlale imikhulu ngakho ngeke kube lula kodwa sizilungiselele kahle. Ngiyethemba ukuthi abalandeli bethu bazophuma ngobuningi babo ngoba kuningi okuhle esizobenzela kona,” kubeka uSikhakhane weRoyal AM.
“Ngomzuliswano wokuqala kule sizini sibashayile kodwa kwakungelula. Sibuke inqwaba yemidlalo yabo, siyabazi ukuthi baqine kuphi futhi siyazi lapho bebuthaka khona. Okufanele sikwenze wukugxila emdlalweni wethu nokulwela amaphuzu amathathu.”