UBONA umdlalo wakusihlwa neSuperSport United ungelinye ithuba lokuthi iqembe lidlulise okwenzeka emdlalweni wakamuva weligi umdlali wasesiswini waMaZulu, uRowan Human.
Usuthu naMaTsatsantsa bazodudulana koweBetway Premiership eMoses Mabhida Stadium ngo-8 kusihlwa.
Leli qembu eliphekwa ngu-Arthur Zwane ngokubambisana noVusumuzi Vilakazi lahlangana nembibizane ngesikhathi ligcina ukudlala kwiligi, lixetshulwa yiStellenbosch FC ngo 5-0 eMlaza.
Lithe ukusibuyisa kancane isithunzi ngokubhaxabula iqembu elidlala kwi-ABC Motsepe League, iMighty Eagles, ngo 5-1 koweLast 32 yeNedbank Cup.
UHuman, ongomunye wabadlali abenza izinto zenzeke esiswini kuMaZulu, uthe kusemqoka ukuthi baphinde bakhombise ukuthi okwenzeka bedlala neStellies ngeke kube yinjwayelo.
“Okulindelekile kithina kulo mdlalo ukuthi siwunqobe. Ngumdlalo weligi futhi siyawadinga amaphuzu amathathu. Asenzanga kahle emdlalweni wethu wokugcina weligi kodwa okungenani sikwazile ukuvuka kwiNedbank Cup. Bekusemqoka ukuthi sikwenze lokho,” kusho uHuman.
“Kunzima ukuchaza okwenzeka sibhekene neStellenbosch kodwa ngeke siphike ukuthi asidlalanga kahle. Akufanele sigxile kakhulu kulowo mdlalo ngoba usudlulile, esingakwenza ukulungisa amaphutha emidlalweni yethu elandelayo.”
Usuthu lusendaweni ka-10 kwi-log ngamaphuzu awu-16 emidlalweni engu-14. Lunamaphuzu alinganayo neSuperSport, esandaweni yesishiyagalolunye.
Iqembu likaGavin Hunt linqotshwe yiPolokwane City ngo 1-0 emdlaweni walo weligi wakamuva kodwa nalo lingenile kwiLast 16 yeNedbank Cup ngokunqoba iMagesi FC ngo 2-0.
UHuman wathola ithuba lakhe lokuqala lokudlala esigabeni esiphezulu ngesikhathi esaqeqeshwa nguHunt kwiBidvest Wits. Uthe nakuba lo mqeqeshi enendawo ekhethekile enhliziyweni yakhe kodwa okusemqondweni wakhe ukusiza Usuthu luqoqe amaphuzu kusihlwa.
“Umqeqeshi uGavin ufake isandla kakhulu ekutheni ngifinyelele lapho ngikhona ebholeni. Ngiyohlala ngimhlonipha njalo. Ukubhekana neqembu lakhe kuhlezi kuyithuba lokumkhombisa ukuthi akalenzanga iphutha ngokunginika ithuba lokudlala ngisemncane,” uqhube kanje uHuman.
“Sonke siyazi ukuthi iqembu lakhe lidlala hlobo luni lwebhola futhi ngeke kube lula neze. Basayinise nabadlali abasha engikholwa wukuthi bazoliqinisa iqembu, ikakhulukazi uma sebeqonda ukuthi umqeqeshi ufunani. Umdlalo uzoba nzima kakhulu kodwa sizozimisela.”