UKUNGENA kwendaba yemali okuthimulise AmaZulu FC abezitshela ukuthi azomthola bhusende u-Omega Mdaka ogqame eqenjini leKaizer Chiefs leDStv Diski Challenge (DDC) kodwa waxoshwa nyakenye kulandela ukugolozela kwakhe leli qembu laseNaturena.
Lokhu kucaciswe umqeqeshi waMaZulu, uPablo Franco Martin, ngesikhathi iqembu libize abezindaba ukuzokhininda ezithinta leli qembu laseMbelebeleni.
UMdaka, obesezakhele olukhulu udumo kwiDiski futhi ebukeka esethubeni lokukhushulelwa esikimini esikhulu seChiefs, uziqhathe neChiefs ngokuyigolozela ngesikhathi yena nabanye benikwa umsebenzi wokuba o-ball boy ngesikhathi kunomdlalo weCarling Black Label Cup.
Uziqeqeshe nesikimu esikhulu soSuthu ngoNovemba ngenhloso yokuthatha iso likaMartin oteketiswa ngelikaCijimpi.
Akazange afihle uCijimpi ukuthi uchazekile ngakubone kulo mdlali kodwa uphinde wezwa sekuthiwa ngeke esasayina ngenxa yokungavumelani ngokuthile neChiefs.
“Ngiyamkhumbula uMdaka futhi bengichazekile ngaye yize benginolwazi lokuthi akahlolelwa ukudlala esikimini esikhulu,” kusho uCijimpi.
“Uziqeqeshe nathi isonto lonke futhi ubelithatha iso lami ngendlela abenza ngayo nakho-ke sengizwa ezokungavumelani ngokuthile phakathi kweqembu neChiefs.
“Iqembu belinezinhloso ngoMdaka engingeke nginabe ngazo kodwa engingakubalula ukuthi kukhona lapho besibona khona ukuthi uzoba usizo.
“Kuthe kusenjalo ngatshelwa ukuthi kube nezinkinga ezingxoxweni phakathi kwaMaZulu neChiefs. Bengingayazi indaba yemali kodwa ngokuzwa kwami inkinga iqalwe iyona indaba yenkece.
“Ngokuhamba kwezingxoxo kuze kwavela neyokuthi ibhalwe phansi indaba yokuthi iqembu elifuna lo mfana kunemali okufanele liyikhokhe. Kugcine kucacile-ke nokho ukuthi izingxoxo ziyanqamuka ngenxa yalokho,” kuphetha uCijimpi.
UMdaka uxoshwe noPuso Dithejane ofike kwiTS Galaxy wangena khaxa esikimini sikaSead Ramovic osebeke amaRockets endaweni yesihlanu kwi-log yeDStv Premiership.
Ngokuthola kweSolezwe, iChiefs ibibeke umgomo wokuthi noma iliphi iqembu elifuna laba badlali kufanele likhokhe u-R1.5 million wesinxephezelo kwazise laba badlali bakhulele ezinkulisa zabo.