UKUBA lukhuni satshe kweBetway Premiership kubuye kuphoqe umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, ukuba achezuke kulokhu akholelwa kukhona uma ehlanganisa iqembu.
Lokhu kushiwo uyena uCardoso kulandela ukunqoba kweSundowns ngo 2-0 wamagoli ka-Arthur Sales noLucas Ribeiro kwiRichards Bay FC emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
ISundowns inqoba nje, bekungokwesine emidlalweni emine ngokwahlukana kwemiqhudelwano kusukela lo mqeqeshi wasePortugal ethathe izintambo kuManqoba “TV” Mngqithi ngasekuqaleni kwephezulu.
Kule midlalo (emine) iSundowns ishaye amagoli ayisihlanu kodwa kuze kube yimanje iqembu likaCardoso alikangenelwa yigoli futhi yilona eliqhwakele kwi-log ye-Premiership.
“Okwasheshe kwahlala obala ukuthi i-PSL iligi enzima ngazo zonke izindlela ongazicabanga,” kusho uCardoso.
“Okuhlukile nge-PSL emaligini engawajwayele ukuthi abadlali bayo cishe bonke bafithi ngendlela emangalisayo okuphoqa ukuthi sisebenzise amandla angaphezulu kwafanele ngaso sonke isikhathi.
“Uma mina nethimba lami siqhathanisa izinombolo kumaligi esisebenze kuwona ngokwahlukana, kucaca ngokushesha ukuthi amabanga okufanele agijinywe ngabadlali kwiPSL made ngale ndlela ethusayo.
“Kunzima ukwenza lokhu uma iligi inomkhuba wokungazithinti ngokunisela inkundla ngaphambi kokuqala komdlalo nangekhefu ukuze umdlalo usheshe.
“Yilowo umehluko osobala nge-PSL kumaligi esengisebenze kuwona eminyakeni edlule. Lokhu kuyisivivinyo kithina ngoba siqashelwe ukuqhamuka nezimpendule kule mibuzo eminingi nenzima esiyibuzwa yile ligi.
“Kuwumsebenzi wethu ukugcina iSundowns isesimweni esikufanele ukugijinyiswa ngoba uma iphumelela ukukwenza lokho kusuke sekulula okulandelayo ngokwabadlali enabo.
“Imidlalo emibili edlule ikucacisile ukuthi uma ungazimisele ngokulikhipha lonke ijubane ukuze uyovala emuva ngeke uthole lutho kwi-PSL.
“KwiPSL akulula ukuthi ngenze ngendlela engijwayele ngayo lapho iqembu lihamba khona libumbene ukuya phambili, libuye ngendlela efanayo uma sekumakwa.
“Kule ligi uthi usajabulela ukuthi iqembu lakho liyahlasela, ngokuphazima kweso ubone sekuyilona futhi elijaha ukuyovala emuva.
“Kuyinkinga lokhu ngoba ngiwumqeqeshi okholelwa ekutheni iqembu lakhe likwenze njengeqembu konke okufanele kwenziwe. Noma kunjalo kodwa okusemqoka kithina ukugxila kulokhu esizama ukuhlanganisa kwiSundowns,” kusho uCardoso.
ISundowns izobuyela enkundleni ngoMgqibelo neRaja Club Athletic yaseMorocco kokaGroup B weCaf Champions League ekuhambeni.