INDLELA abadlali abangajwayele ukuqala imidlalo abalwe ngayo bebhekene neqembu laseScotland, iGlasgow Warriors, imhlabe umxhwele umqeqeshi uweHollywoodbets Sharks, uJohn Plumtree, yize benqotshiwe.
ISharks ibisivele ingenalo ithuba lokudlulela kweyomkhulajezi kwi-URC, ihlulwe yiWarriors ngo 21-10 eScotstoun Stadium, eGlasgow, ngoLwesihlanu ebusuku.
Ingene kulo mdlalo owandulela owokugcina wamaqoqo neqembu ebeligcwele abadlali abangajwayele ukuqala kwazise isibheke kakhulu umdlalo owandulela owamanqamu weChallenge Cup ezowudlala neClermont Auvergne yaseFrance, ngoMeyi 4, eLondon.
IWarriors ishaye ama-try amathathu esiwombeni sokuqala abekwe nguGeorge Horne, Max Williamson noKyle Steyn. UHorne uphinde wengeza amaphuzu ngokuwabeka phakathi womathathu ama-conversion.
ISharks iphendule ngama-try ashaywe nguDan Jooste noNtuthuko Mchunu ngokwehlukana kweziwombe.
“Ngiyaziqhenya ngomzamo wabadlali bami, bakhombisile ukuthi akubethusanga ukudlala kule nkundla esaziyo ukuthi iWarriors iqotha kwasani kuyona. Abanye abadlali bese kunesikhathi bagcina ukudlala futhi kuvelile emizuzwini engu-25 yokuvula umdlalo,” kusho uPlumtree.
“Asenzanga kahle kuma-scrum futhi asiqinisanga lapho kubangwa khona ibhola, ikakhulukazi esiwombeni sesibili lapho besifika khona engxenyeni yabo yenkundla. Noma kunjalo, ngijabulile ngendlela esimake ngayo.”
Lo mdlalo unike uPlumtree ithuba lokuthi abone abadlali abangadlalanga emdlalweni omqoka abazowudlala neClermont, noma kwenzeka bedlulela kowamanqamu.
Ngaphambi kwalokho, basazodlala omunye we-URC neScarlets yaseWales ngoLwesihlanu, ngo-8.35 ebusuku.
“Obekusemqoka kithina bekuwukuchitha imizuzu engu-80 enkundleni. Besingalindele ukuthi iqembu lizohlangana ngalolu hlobo. Sigculisekile ngendlela lolu hambo lwethu oluqale ngayo, yize sihluliwe,” uqhube kanje.
“Bakhona abadlali abazibonakalisile futhi siwubheke ngabomvu umdlalo olandelayo neScarlets.”
ISharks isisendaweni ka-13 kwi-log ngamaphuzu angu-18 emidlalweni engu-14.
ILions ikhuphule amathuba ayo okungena kweyomkhumulajezi ngokuqumba phansi iqembu eliqhwakele, iLeinster ngo 44-12.
IVodacom Bulls inqotshwe yiMunster ngo 27-22 ePitoli, iDHL Stormers yashaywa yi-Ospreys ngo 27-21 eKapa. Nawo womabili la maqembu asasethubeni lokubalwa namaqembu ayisishiyagalombili azoqeda phezulu, adlulele kweyomkhumulajezi.