UMQEQESHI weMilford FC, uMandla Qhogi, unethemba lokuthi abadlali ababasayinise kuleli windi lokuhwebelana ngabadlali likaJanuwari, bazokwenza umehluko embhidlwangweni waleli qembu wokuwina isicoco seligi yeMotsepe Foundation Championship.
IMliford yaseRichards Bay iqinise isikwati ngomgadli uThobani Mncwango owayegijima kwiPolokwane City nakwiBidvest Wits, umdlali wasemuva uDiamond Thopola odedelwe yiMagesi FC ekuqaleni kwesizini nomdlali wasesiswini uSandile Mathumbu osuka kwiSinenkani FC edlala kwiSafa Eastern Cape ABC Motsepe League.
UMncwango ujoyina iMilford nje, ubesedlalele amaqembu ahlukene kwiKwaZulu-Natal ABC Motsepe League okukhona kuwona iNjampela FC yangakubo KwaNongoma, Mkhumbane Classic ne-Ulundi United agcine kuyona.
“Sibone kunesidingo sokuthi siqinise isikwati sethu ngabanye abadlali kuleli windi likaJanuwari, ngokuqonda indlela esisazoyihamba njengoba sesizoqala umzuliswano wesibili wesizini,” kusho uQhogi.
Lo mqeqeshi uphinde waveza ukuthi ngoMsombuluko bazoqinisekisa ukusayinisa kwabanye abadlali abathathu abazomemezela amagama abo, okungunozinti, owasesiswini ohlaselayo, nomgadli.
IMilford kuyiwe ekhefini lamaholidi okuphela konyaka isendaweni yesine kwi-log yeChampionship lapho ihlukaniswe khona ngamaphuzu amathathu neDurban City eqhwakele ngawu-28 emuva kwemidlalo engu-14. Izovula unyaka ngomdlalo wasekuhambeni ne-University of Pretoria, eTuks Stadium, ePitoli, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.
“Ekuqaleni kwesizini sasizibekele umgomo wokuqoqa amaphuzu angu-20 kuya kwangu-22. Sesiqoqe angu-24 ngaphambi kokusonga umzuliswano wokuqala. Lokho okusho ukuthi sisaqhuba ngawo umgomo wethu.
Ngakho kule midlalo elandelayo esisazoyidlala sizimisele ngokuqhubeka nokulwelwa ukuqoqa amanye amaphuzu ukuze kuphele isizini sisendaweni engcono okungenzeka kube wukuhlala kwethu phezulu kwi-log. Siyazi ukuthi awukho umdlalo ozoba lula manje, okubalwa nalo esiyowudlala ekuhambeni namaTuks, okuyiqembu okungelula ukubhekana nalo, kodwa futhi esizimisele ngokubuya namaphuzu lapho sesibhekene nalo,“ kusho uQhogi.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Namuhla - Ngo-7.30pm:
Durban City v Hungry Lions (Chatsworth Stadium); Cape Town Spurs v Casric Stars (Athlone Stadium)
NgoMgqibelo - Ngo-3.30pm:
Venda FC v Black Leopards (Thohoyandou Stadium); Upington City v Pretoria Callies (Mxolisi Jacobs Stadium); Leruma United v Orbit College (Lucas Moripe Stadium)
NgeSonto - Ngo-3.30pm:
Kruger United v Highbury (Mbombela Stadium); University of Pretoria v Milford FC (Tuks Stadium)