UKAPUTENI weRichards Bay, uSimphiwe Mcineka, ubalula inkululeko abayinikwa ngumqeqeshi obambile oshintshe izinto kuleli qembu.
IBay engelinye lamaqembu asengozini yezembe, ivale unyaka ka-2023, ngokwehlula iSuperSport United ngo 3-1 emdlalweni weDStv Premiership.
Lokhu kuholele ekutheni inwebe igebe lamaphuzu phakathi kwayo neCape Town Spurs ehlezi emsileni we-log. INatal Rich Boyz isendaweni ka-15 ngamaphuzu angu-13 emuva kwemidlalo engu-16. ISpurs isaqoqe amane kuphela. Ushintsho kwiBay lwenzeke kusaphele izinsuku ezimbalwa ikhombe indlela umqeqeshi uKaitano Tembo ohluleke wancama ukuyiwinisa imidlalo. UTembo uxoshwe ngoKhisimusi esawine umdlalo owodwa kwengu-15. Indawo yakhe ithathwe nguVusumuzi Vilakazi obeyi-Senior Coach kulona leli qembu.
UMcineka uthe ngaphansi kukaVilakazi sebedlala ibhola “labo”.
“Into engingayisho ngomqeqeshi omusha wukuthi ukhulule abadlali ukuthi badlale ibhola. Hhayi ukuthi umqeqeshi ohambile ubebheda kodwa ngicabanga ukuthi abadlali bebengajabule ngendlela abefuna senze ngayo. Umqeqeshi omusha ufike wasikhulula, sakwazi ukudlala ibhola lethu. Enkundleni sidlale njengeqembu, sidlale ibhola lethu. Ngicabanga ukuthi yilokho okusisize kakhulu. Ayikho into enkulu ayishintshile. Ufike wasikhulula nje ukuthi sidlale ibhola lethu, sizethembe,” kusho uMcineka.
IBay akubuzwa ukuthi idinga ukuqinisa isikwati sayo ngokusayinisa abanye abadlali njengoba kuvulwe iwindi lokubhalisa abanye abadlali kwiPremier Soccer League (PSL). Kuvele ukuthi ifuna umgadli, umdlali wasesiswini nowasemuva. UVilakazi unengcindezi yokuqoqa amaphuzu zibekwa uma sekubuya imidlalo yePremiership. IBay izovakashela iPolokwane City ngoFebhuwari 14, ePolokwane.
UVilakazi uthe ulindele umfutho ofanayo kubadlali bakhe uma sekubuya imidlalo yeligi.
“Ngilindele indlela yokudlala efanayo. Isimo besinganjena kodwa kusukela ejimini nasekhempini kubonakele ukuthi abafana bayabuyelwa wukuzethemba okuyinto ngebhadi kulo mdlalo ebalulekile. Ngisho ungaziqeqesha kanjani kodwa uma ungenakho ukuzethemba, ngeke ulethe izithelo.
“Ngakho ngidinga ukuqhubeka nalokhu noma ngenze okungcono. Sizoya ekhempini, uma sibuya sizozama ukwenza izinto ezizobenza babumbane abafana. Uma sisebenza kanzima sizozibeka endaweni enhle ekupheleni kwesizini,” kusho uVilakazi.