UKUGQOZA konozinti abasavunywa iminyaka kwiPremier Soccer League (PSL) kuholele ekutheni umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, aqhamuke nombono wokuthi kungangcono uma amaqembu adlala ngaphansi kwale nhlangano engabaziba abaqahmuka emazweni angaphandle.
NgoLwesine e-Auckland Park uBroos umemezele isikwati sabangu-23 azobhekana ngaso neLesotho neBenin ekhaya nasekuhambeni kweka-Group C yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezosingathwa i-USA, Mexico neCanada ngo-2026.
IBafana ilungiselela imidlalo emibili emqoka neLesotho ekhaya ngoMashi 21 bese kuba oweBenin ozodlalelwa kwelase-Ivory Coast ngoMashi 25.
Kuyiwa kule midlalo nje, iBafana ihleli endaweni yesibili ku-Group C ngamaphuzu ayisikhombisa okuyisibalo esifanayo neseRwanda eqhwakele neBenin ekweyesithathu.
ILesotho abaqala nayo ngeholidi (Mashi 21) ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane isendaweni yesine ngamaphuzu amahlanu lapho ingcono khona ngamabili kwiNigeria eyibambe kweyesine.
Ibhuleki ibanjwe iZimbabwe enamaphuzu amabili. Wonke amaqembu akuleli qoqo asedlale amahlandla amane.
“Sekuphele iminyaka emibili ngiqalaza kodwa ngibona amaqembu amaningi e-PSL egqishe ngonozinti abangewona umnsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika,” kusho uBroos kwaSABC.
“Konke lapho ngiqalaza khona ngibona onozinti bangaphandle. Uma bekhona abaseNingizimu Afrika, ababhekwa nangeso bese kuthi laba abalitholayo ithuba kufanele baqale balinde kulimale abanye.
“UBruce (Bvuma) uwubufakazi kwazise wayesephakathi kwiBafana kodwa iqembu lakhe lamsusa esikimini lafaka unozinti wangaphandle.
“Kuhle ukuthi usebuyile manje uyadlala kwiChiefs kodwa lokhu sekumhlehlisile ohlwini. Bonke onozinti bethu bangaphezulu kuka-29 ngokweminyaka ngakho-ke kufanele sishintshe ukuqalaza.
“Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi amaqembu e-PSL abazibe onozinti bangaphandle athembe laba abancane njengoba enza ngabadlali abasuka kwiDStv Diski Challenge (DDC),” kusho uBroos.
Lo mqeqeshi ujabulise okwengane ngesikhathi eqinisekisa kwabezindaba ukuthi uzoya kule midlalo ngokaputeni nethemba lakhe, uRonwen Williams, obekade engadlali ngoba elimele.
Sesisonke isikwati sikaHugo Broos Simi kanje:
Onozinti:
Ronwen Williams, Ricardo Goss noSipho Chaine.
Abasemuva:
Nyiko Mobbie, Grant Kekana, Thabo Moloisane, Nkosinathi Sibisi, Aubrey Modiba, Siyabonga Ngezana, Khuliso Mudau noFawaaz Bassadien.
Abasesiwini:
Teboho Mokoena, Bathusi Aubaas, Thalente Mbatha, Jayden Adams noPatrick Maswanganyi.
Abagadli:
Oswin Appolis, Iqraam Rayners, Elias Mokwana, Thapelo Morena, Lyle Foster, Percy Tau noRelebohile Mofokeng.