Marumo Gallants (0) 0
Mamelodi Sundowns (0) 2
IMAMELODI Sundowns ngeke iyiyele ngobuso iMagesi FC kowamanqamu weCarling Knockout ngokusho komqeqeshi wayo, uManqoba Mngqithi, kulandela ukuwina kowandulela owamanqamu kwiMarumo Gallants ngeSonto eDr Molemela Stadium, eBloemfontein.
Kulindwe kwaze kwaba isiwombe sesibili ukuba kubonakale amagoli okube iphenathi kaLucas Ribeiro, nelingene ngomzuzu wokugcina lishaywa uNeo Maema, obesuka ebhentshini.
Ngesikhathi ekhuluma kwaSuperSport ngemuva komdlalo, uMngqithi uveze uvalo ngokubhekana neqembu eliphekwa uClinton Larsen, kowamanqamu.
“Kungaba iphutha ukuyela iMagesi ngobuso ngoba umdlalo wenkomishi unezindlela zawo zokuphoxana njengoba iMarumo icishe yenza,” kusho uMngqithi.
“ULarsen uyilolu hlobo lwabaqeqeshi okufanele uhlale ngesinqe esisodwa uma uzobhekana naye ngoba unamaqhinga amaningi. Sikutholile ebesikufuna kwiMarumo, manje sekumele siyoqedela umsebenzi kowamanqamu,” kuqhuba yena.
Umdlalo wamanqamu uzobanjelwa eToyota Stadium, eBloemfontein, ngoNovemba 23.
Isikimu seSundowns esiqale umdlalo bekufanele siyifake itwetwe iGallants kwazise besibunjwe ngabadlali beBafana Bafana ngaphandle, kukaPeter Shalulile, owukaputeni weNamibia, Ribeiro waseBrazil noMarcelo Allende odabuka kwelaseChile.
Ngaphambi komdlalo uMngqithi uzwakalise injabulo ngesimo senkundla kwazise besizobalekelela endleleni abebefuna ukudlala ngayo.
“Uma sizodlala ngenhloso yokuwina sizonqoba noma kanjani,” kusho uMngqithi ngokuzethemba.
“Abadlali abaqalayo kulokhu ilaba abanqobe koweKaizer Chiefs ngakho-ke nginethemba lokuthi bawulambele umdlalo.
“Ukubadlalisa siphinde sibamise kubagcina besesimweni esikahle ngokwemizimba kodwa ngifisa ukuthi lokhu kubenze bakulambele kakhulu ukudlala.
“Kukona konke esizokwenzayo, kumqoka ukunika iGallants indawo yayo ngoba akubanga yiphutha ukufika kwayo kowandulela owamanqamu,” kusho yena.
Njengoba bekulindelekile, kube iSundowns eqala umdlalo ngokuhlasela ngamandla ezintini zeqembu lasekhaya.
Nakuba kunjalo kodwa ngokuhamba kwesiwombe neqembu lasekhaya liqalile labonana kangcono lakhombisa nezimpawu zokuba yingozi kuRonwen Williams obevimbele iSundowns kwaze kwaba kuyiwa ekhefini.
Nakwesesibili isiwombe, iSundowns iqale ngomfutho ofanayo okuyilapho kuvele khona iphenathi ethathwe uRibeiro, wayivalela enethini ngomzuzu ka-53.
Liwufudumezile umdlalo leli goli obekwenza kungacaci noma igoli elilandelayo kuzoba elokulinganisa kumbe elokunweba igebe.
Womabili amabhentshi enze izinguquko ngokwahlukana umdlalo usuyela ngasemaphethelweni kodwa kube iSundowns eshaye igoli lenkululeko ngonyawo lukaMaema, naye ongene seliyoshona.