UTHEMBISE ukuwuqedela ekhaya umsebenzi uDavid Notoane, ongumqeqeshi weqembu lakuleli labafana abaneminyaka engaphansi kwengu-23 elibambane ngo 2-2 neTogo ekuhambeni.
La maqembu abehlangene kowomlenze wokuqala esigabeni sesibili sokuhlungela ukuzibekisela indawo kwi-Afcon U/23 ezokuba seMorocco ngonyaka ozayo.
Umqhudelwano we-Afcon uzokhipha amazwe amathathu (elizowina, elisendaweni yesibili nelizolala isithathu), azomela i-Afrika kuma-Olympics ango-2024, eParis eFrance.
EzikaNotoane zishayelwe ngu-Antonio van Wyk no-Ashley Cupido amagoli, yize uNotoane ekhale ngempatho kanjalo nephenathi engacacilile enikwe iqembu lasekhaya.
Kuningi uNotoane athe bakufundile ngabo njengeqembu kowomlenze wokuqala kodwa akangabazi ukuthi kowesibili ngeSonto, e-Orlando Stadium, nakanjani bazowuphothula umsebenzi badlulele esigabeni esilandelayo.
Kusasele isigaba sesithathu (naso esizodlalwa imilenze emibili) esizoba ngoMashi wonyaka ozayo, ngaphambi kokuthi kuphume amazwe azoya kwi-U/23 Afcon.
“Uma sizokugoqa konke okwenzeke kulolu hambo, nazo zonke izingqinamba zalo, ngijabule kakhulu ngomphumela esiwutholile,” kusho uNotoane ethimbeni labezindaba leSouth African Football Association (Safa).
“Sishaye amamgoli amabili asekuhambeni sibhekene neqembu engicabanga ukuthi sinawo amava okulihlula uma sesisekhaya.
“Sesibheke ukuwuqedela ekhaya umsebenzi omuhle esiwuqale endaweni ebesiphethwe kabi kuyona,” kusho uNotoane.
“Basithwalise kanzima esiwombeni sesibili, kodwa okuningi bekungathinti umdlalo. Bekungabantu base-Afrika esentshonalanga benza lokhu abaziwa ngakho.
“Akuzange kwethuse kangako sebenikwa nephenathi engaqondakali ngoba nonondweba bavele benze okuxakile kunalokhu okujwayelekile. Usizo abebelunikwa wunondweba yilona olubanike ithuba lokuthi kubukeke sengathi bayasicindezela.
“Kukona konke, sifunde lukhulu siyiqembu nangezinto okufanele sizishintshe. Iqiniso wukuthi umdlalo uhambe ngendlela ebesifisa ngayo, ngakho nakanjani siyaqeda ekhaya ngeSonto,” kusho uNotoane.
Iqembu lakuleli labafana lika-Under 20 lisanda kuhluleka ukuzibekisela indawo kwi-Afcon yangonyaka ozayo lapho kuzophuma amaqembu azodlala kwiNdebe yoMhlaba.
Isiyonke imiphumela yemidlalo yokuhlunga:
Niger 0-0 Ivory Coast; Sudan 2-0 Benin; Madagascar 0-1 Gabon; Mozambique 1-2 Ghana; Tanzania 1-1 Nigeria; eSwatini 0-0 Egypt; Togo 2-2 South Africa; Sierra Leone 1-1 Zambia; DR Congo 4-1 Algeria; Rwanda 1-1 Mali; Angola 2-3 Cameroon.