UKUBA buthuntu komgadli weKaizer Chiefs, uCaleb Bimenyimana, akumdalelanga isigcwagcwa kubalandeli beqembu kuphela kodwa kubukeka sekumume emphinjeni nomqeqeshi weqembu, u-Arthur Zwane.
Kuvela ukuthi uZwane wenze isihluku esinyantisayo, esishiye abanye abadlali bakhe bengasabethembi ubuholi bakhe. Kuthiwa umqeqeshi ongaphansi kwengcindezi utshele omunye wabadlali uBeminyimana, kwezikabhoqo phambi kozakwabo ejimini yeqembu, ukuthi uyamchitha.
IChiefs esele nomdlalo owodwa kwiDStv Premiership ezowudlala neCapeTown City ngoMgqibelo ozayo, njengoba isazama ukuqeda endaweni yesibili kanti isanda kuwashiswa nejezi kwiNedbank Cup.
Ingcindezi iqongile kuZwane ngemva kokushaywa kweChiefs, yi-Orlando Pirates ngempelasonto edlule kowandulela owamanqamu weNedbank Cup.
Kwenzeka lokhu nje, kuneqeqebana labalandeli elifuna ashenxe esikhundleni uZwane, kulandwe umqeqeshi onamava ozokwazi ukubuyisa isithunzi seqembu.
Nokho abaphathi abayizwa leyo ngoba bayameseka umqeqeshi, futhi bazimisele ngokumxhasa uma ephelelwa ngamandla.
Nokho izindaba zakamuva ezibikwa ngelinye iphephandaba lesiNgisi, zikhomba ukuthi kusengashintsha ukudla epuletini. Ngeledlule Isolezwe ngoMgqibelo lakudalula lokhu ngaphambi komdlalo womkhaya baseSoweto, phakathi kweChiefs nePirates.
Kubikwa ukuthi umgadli waseBurundi, osayinwe ekuqaleni kwesizini, akasekho ezinhlelweni zikaZwane ngesizini ezayo. Umgadli ufike kusanda kuqala isizini kwiChiefs ethembisa kodwa kwaya kwavela ukuthi sengathi akekho kuleli zinga obekucatshangwa ukuthi ukulo.
Okubi ngesenzo sikaZwane wukuthi, kuthiwa umtshele phambi kozakwabo umgadli ukuthi uma kuphela isizini aqoqe amasakana akhe, abone afike ngayo.
“Iyaphoxa indlela okwenzeke ngayo,” lo mbiko ucaphune omunye wabadlali beChiefs ocele ukungavezwa esho kanje.
"Iyaphoxa indlela umqeqeshi atshele ngayo uCaleb ukuthi uma kuphela isizini kuphelile ngaye. Uma kunesimo esinjalo, umdlali uyaye abizelwe ehhovisi achazelwe kahle ngokwenza ukuthi achithwe, etshelwa kahle ngasese.”
Lo mdlali uqhube wathi lesi senzo sesifake ukwesaba eqenjini njengoba nabanye abadlali bengasazi ukuthi bamiphi kuZwane.
"Yinto okungafanele yenzeke phambi kwabanye abadlali. Babengekho ngesikhathi iqembu lilanda lo mdlali. Kuyabakhathaza emoyeni abanye abadlali ngoba siyazibuza ukuthi uyoke asivikele yini uma sigxekwa uma enza kanje.
“Nangesizini edlule ubekhuluma nani bezindaba ethi abanye bethu abekho ezingeni elifanele ngakho uzobachitha. Iyagqilaza leyonto kubadlali. ”Kumele ngabe uyena osivikelayo. Awucabange nje ukuthi unjani uCaleb lapho ekhona. Iyaphoxa impela lento,” kugcizelela lo mdlali.
UBimenyimana usashaye amagoli ayisikhombisa iningi lawo okungamaphenathi, emidlalweni engu-18 asayidlalile kule sizini.
Empeleni kuvela okokuphuma iqhubu noBimenyimana kukaZwane nje, ngeledlule lo mqeqeshi uvikele omunye wabagadli baleli uChristian Saile, oshiye inqwaba yabalendeli beZimpofana bedemelayisa kulandela ukugeja kwakhe oqekelele bamathuba okubhakuzisa inethi leli qembu liguqiswa ngeZimnyama ngo 2-1 koweNedbank Cup.