TS Galaxy (0) 1
Orlando Pirates (0) 0
I-ORLANDO Pirates iphinde yazinciphisela amathuba okuzibekisela indawo kwiCaf Champions League iguqiswa yi-TS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership obudlalelwa eMbombela Stadium, eNelspruit, ngoMgqibelo ntambama.
IPirates beyize kulo mdlalo imagange ngokuvuka izithathe ibuyele emgqigqweni wayo wokunqoba imidlalo yeligi ilandelana kulandela ukuphazanyiswa komgqigqo wayo ishaywa yiRichards Bay FC ngo 1-0 ngeledlule.
Ngakolunye uhlangothi iGalaxy ebibhala icisha emidlalweni yakamuva yePremiership, beyizolwela ukuqinisa indawo yayo kwiTop 8.
IGalaxy yiyona ecishe yathola igoli zisuka ngenkathi uPuso Dithejane obesephume qekelele egezwa wunozinto wePirates, Sipho Chaine, ngomzuzu wesikhombisa umdlalo uqalile.
UPatrick Maswanganyi obesegoqe amadoda eqhamuka ngasohlangothini lwesokunxele, ugobe ibhola elivundle nobuso bamapali langathola muntu selimdlile unozinti weGalaxy, uFiacre Ntwari obesephumile emapalini ehlangabeza, ngomzuzu ka-22.
Ngale kwalokho azibanga khona iziqubu ezibabazisayo, kwaze kwayiwa ekhefini zibambene ngo 0-0.
Ngesiwombe sesibili iGalaxy ebilokhu ikhombise njalo ukuba yingozi uma iya phambili igcine iwutholile umvuzo, uSiphiwe Mahlangu evalela phakathi igoli ngomzuzu ka-68 ngemuva kwebhola alibekelwe wuDithejane obewuhlupho kulo mdlalo.
Ukunqoba kwe-The Rockets kuyikhuphulele endaweni yesine kwi-log, nayo eyinyama njengoba iqembu elizoqeda khona lizodlala kwiCaf Confederation Cup.
IPirates isabambe indawo yesithathu nayo ekufaka kwiConfederation Cup, ngemuva kweStellenbosch esizwe wumphumela weZImnyama ukuthi ingagudluki endaweni yesibili ngesikhathi ishaywa ngo 1-0 ompetha beligi, iMamelodi Sundowns e-Athlone Stadium. IPirates neStellies basahlukaniswe iphuzu elilodwa njengoba sekuzoyiwa emidlalweni yokugcina yeligi ngoMeyi 25.
Iqembu okuzosongwa lisendaweni yesibili lizohamba neSundowns ukuya kwiChampions League ngesizini ezayo.
Ngakolunye uhlangothi ngokunqoba iSundowns iqophe irekhodi elisha lamaphuzu amaningi kwiligi njengoba isihlanganise awu-72 emidlalweni ewu-28. Okunye ngaleli qembu likaRhulani Mokwena lisayibambe kahle ekuqopheni umlando ngokunqoba iligi lingazange lihlulwe.
Ezimnyama zizosonga isizini ngokubhekana neSupersport United ngoMgqibelo ozayo, e-Orlando Stadium, eSoweto.
IStellies izovala neRichards Bay ngoMgqibelo ozayo, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Imiphumela yeDStv Premiership:
Royal AM 0-0 Chippa United; Kaizer Chiefs 0-0 Polokwane City; Stellenbosch 0-1 Sundowns; TS Galaxy 1-0 Pirates; Golden Arrows 1-1 CT Spurs; CT Spurs 3-1 Richards Bay; Sekhukhune 0-1 AmaZulu; Supersport 2-0 Swallows