AYISISHIYAGALOMBILI amaqembu azodudulana kuma-quarterfinal eSky Tents Champions League U-15 kusukela namuhla ngo-9 ekuseni, eyandulela eyamanqamu ibe ngo-11, kuthi owamanqamu ube ngo-2 ntambama.
Kulo mqhudelwano, oqale ngoMeyi nonyaka noxhaswe yinkampani yamathende, iSky Tents, kuqhuthana amakhizane amaqembu angaphansi kososeshini abangu-20, abangaphansi kweSafa eThekwini, njengoba manje sekusele amaqembu ayisishiyagalombili okuyiwona azodlana imilala ukuhlunga ompetha balo mqhudelwano.
Lawo maqembu Amantiyane FC, Boyz Stars, Mountain Swallows, KZN Academy, AmaZulu FC, Mighty Warriors, Southgate United neFuture Stars Academy.
“Siyizingqwele okukade zazigudla. Nokho-ke siyaziwa isimo esibuya kuso siyisifunda seSafa eThekwini lapho sike saba nesixakaxaka nomdonsiswano omningi, ibhola lalimala ngenxa yombango wethu thina bantu abadala kodwa-ke indlela siyayazi.
“Kuthe lapho seluphelile udungunyane ngo-2021 kwase kuhleleka-ke ukuthi sithinte lapha nalaphaya, saqinisa nasezikoleni, saxhumana nomkhandlu weTheku noMnyango wezeMidlalo wakulesi sifunda saseThekwini.
Sikholwa wukuthi umkhiqizo esiwuphethe bayawubona abantu ngakho siyabacela futhi nasemidlalweni yakule mpelasonto ukuthi beze bazobuka ukuthi siphetheni,” kusho uMazwi Mkhize ongumengameli weSafa eThekwini.
“Ayikho into engijabulisa njengale ngoba kule minyaka edlulile ngangingafisi ukuthi umuntu aphume ebholeni ngoba ibhola akulona elethu, lifana nenkolo umdlalo wesizwe lona.
“Into esemqoka wukuthi lowo mxhasi oyedwa omtholile umphathe njengezikhali zamaNtungwa ngoba osomabhizinisi laba bayaxoxa bebodwa uma bedlala igalofu bese ngokuhamba kwesikhathi sizithola sesihlabane ngabanye abaxhasi, njengoba kwenzeka nje.”
U-Isaac Mbatha, ongumqondisi weSky Tents engabaxhasi balo mqhudelwano, uthi inkunzi isematholeni.
“Kuyasijabulisa njengeSky Tents ukufaka isandla emqhudelwaneni onjengalona okuhloswe ngawo ukuthuthukisa abadlali bethu abasebancane ngoba siyakwazi sonke ukubaluleka kokuthuthukiswa kwabo besebancane ukuze abanye babo babe ngabadlali abavelele ngomuso. Kanti-ke naphezu nje kokuba yingxenye yabaxhasi balo mqhudelwano, ibhola kakade liyinto esenhliziyweni yami.”