Richards Bay FC (0) 0
Supersport United (0) 1
IRichards Bay FC iphinde yalahla amaphuzu ishayelwa ekhaya yiSupersport United emdlalweni weBetway Premiership eKing Zwelithii Stadium, eMlaza, ngoLwesihlanu ebusuku.
Igoli enqobe ngalo iSupersport kulo lishaywei ngumgadli obesuka ebhentshini, uBradley Grobler, ngemizuzu yokugcina.
Womabili la maqembu abeze kulo mdlalo ewadinga ngokufanayo amaphuzu njengoba ebebuya esibhaxwini semidlalo emine nemithathu ngokwehlukana.
IRichards Bay yiyona ebiwadinga kakhulu amaphuzu kulo mdlalo ngenxa yendawo embi ekuyona kwazise isahlezi emsileni we-log yePremiership.
Ukubhekwa yisambane kweBay kulo mdlalo kusheshe kwagqama ngesiwombe sokuqala lapho obekufanele ithole khona igoli ngenkathi ithola iphenathi, ebidaleke ngokudlaliswa kabi kukaYamela Mbuthu. UNkosikhona Ndaba wahlulekile ukuyivalela phakathi. Emuva kokungahlehli ushaye ibhola lahamba kancane, walibamba unozinti weSupersport, uThakasani Mbanjwa.
Umphumela walo mdlalo usho ukuthi iNatal Rich Boyz isahlezi emsileni ngamaphuzu ayisihlanu emuva kwemidlalo eyishumi. Iphunyukwe ngamaphuzu abezokwenza isuke emsileni. Ngasohlangothini lwaMatsatsantsa usho ukuphefumula kancane kwazise nawo aphikwa yizinto selokhu kuqale le sizini. Amaphuzu amathathu ewathole kwiBay, ayinyusele endaweni yesikhombisa kwi-log ngamaphuzu angu-12 emuva kwemidlalo eyishumi.
Lona bekungumdlalo wesibili izintambo zokuqeqesha kwiBay zibanjwe nguRonnie Gabriel obambisene noSiboniso Gumede noSibusiso Msomi, kulandela ukukhonjwa indlela kukaBrandon Truter. Emdlalweni wokuqala laba baqeqeshi bakhale ngaphansi ngo 3-1 kuMaZulu kowabakhaya baKwaZulu-Natal.
IBay izobuyela ensimini neLamontville Golden Arrows koweligi, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoMgqibelo ozayo.