KUBANJWE umoya kuMaZulu FC ngokubakhona komunye wabadlali bawo abamqoka, uRamahlwe Mphahlele, kwiCarling Black Label Cup abazobhekana kuyona neMamelodi Sundowns, ngoMgqibelo ngo-9 ekuseni e-FNB Stadium, eSoweto.
Usuthu olusazikhotha amanxeba kulandela ukuphucwa kwalo i-Orlando Pirates iqatha lika-R8 million kwiMTN8, lusemaqenjini avotelwe kangcono ukuba abe ingxenye yalo mqhudelwano, okukhona kuwona iKaizer Chiefs ezotholana nePirates ngo-12.30 emini enkundleni efanayo.
Kudingeke ukuthi uMphahlele aphuthunyiswe esibhedlela kulandela ukushayeka kwakhe ekhanda okwenzeke esiwombeni sokuqala kowamanqamu weMTN8 ngempelasonto edlule.
Lesi sitobha sishayisane kabi nonozinti wePirates, uRichard Ofori, kwaphoqa ukuba singaqhubeki nomdlalo ngoba odokotela besaba ukuthi abawazi umonakalo odaleke kusona ukuthi ungakanani.
Izolo ekuseni, esithangamini nabezindaba eKing’s Park Stadium, umqeqeshi waMaZulu, uRomain Folz, utshele abezindaba ukuthi yize uMphahlele esesikimini esivotelwe abalandeli ukuba baqale umdlalo kodwa ngeke aqinisekise ukuthi uzobe ekhona enkundleni noma cha ngoba usazolokhu ebhekwa ngokuhamba kwesonto.
“Indlela alimale ngayo ngoMgqibelo ibucayi ngakho-ke akulula ukuphumela obala manje ngithi uzobe ekhona noma cha kodwa sihlalele ethembeni,” usho kanje lo mqeqeshi ephendula Isolezwe.
“Ukulimala ekhanda akuyona into okufanele ithathwe kancane ngakho-ke impilo yakhe iyona esiyibeke phambili kunokucabanga ukuthi uyadlala ngoMgqibelo noma cha.
“Akuyena yedwa othintekile kowamanqamu baningi nabanye (abanemihuzuko lapha nalaphaya) kodwa njengoba isonto liqala, kuningi okusazokwenzeka ngakho ngiyavuma ukuthi asikazi ngokuzokwenzeka ngoMphahlele.
“Ngiyacabanga kodwa ukuthi uma seziyela ngasekupheleni kwesonto ngizobe sengikwazi ukuwuphendula kahle lo mbuzo,” kusho uFolz.
Kunezimpawu zokuthi kusazwela kwaboSuthu ukuthi u-Ofori ulimaze uMphahlele ngale ndlela kodwa wangahlawuliswa ngesikhathi kuqhubeka owamanqamu weMTN8.
Esinye sezikhulu zoSuthu esingathandanga ukuba livezwe igama laso sitshele leli phephandaba ukuthi sebesaba onondweba kunamaqembu ababhekana nawo muva nje.
Lesi sikhulu sithe, okwenza ukulimala kukaMphahlele kube sakuwathunuka AmaZulu ukuthi unozinti ofanayo (Ofori) usanda kwenza okufanayo nakhona kwagcina ngokuthi aphuthunyiswe esibhedlela, uLehlohonolo Majoro, ongumgadli woSuthu. UMajoro walimala la maqembu ebhekene koweligi.