IMOROCCO isethubeni elihle lokungena esigabeni somkhumulajezi weNdebe yoMhlaba, uma isibhekene neCanada emdlalweni wokugcina weGroup F e-Al Thumama Stadium, eDoha eQatar namuhla ngo-5 ntambama.
I-Atlas Lions isidlale kulo mqhudelwano izikhawu ezinhlanu phambilini, isadlule kanye kuphela esigabeni samaqoqo ngesikhathi ifinyelela kwiLast 16 eMexico ngo-1986.
Ayiqalanga ngendlela ethembisayo eQatar njengoba ibambane ngo 0-0 neCroatia ingawakhanga namathuba acacile okushaya amagoli.
Ibuye ngamandla emdlalweni wesibili iguqisa iBelgium ngo 2-0, okuyiqembu obekubhekwe ukuthi lizodlulela phambili kuleli qoqo.
Kuzongenwa emidlalweni yokugcina, iCroatia iqhwakele kwi-log ngamaphuzu amane, ibambene neMorocco esendaweni yesibili. IBelgium ilele isithathu ngamaphuzu amathathu, iCanada isemsileni ngeqanda.
Nakuba iphuzu lisengalibeka kwiLast 16 iqembu likaWalid Regragui, ukushaya amagoli linqobe umdlalo kuzokwenza ukuthi lingazitholi selinamatata ngasekupheleni komdlalo.
“Umqhudelwano kawukapheli. Kumele senze kahle futhi uma sesibhekene neCanada. Ngiyethemba ukuthi sizothola umphumela omuhle ukuze sidlulele esigabeni esilandelayo,” kusho uRegragui esithangamini nabezindaba kwi-website yeFifa.
"Sisengakwazi ukulikhuphula izinga. Angenelisekile ngamaphuzu amane. Ngisafuna okungaphezu kwalokho. Ngifuna sithuthuke. Yebo, kuzoba nzima uma sifika esigabeni somkhumulajezi kodwa yilelo zinga engifuna sifike kulo."
ICroatia neBelgium bazotholana e-Ahmed bin Ali Stadium e-Al Rayyan lapho womabili amaqembu ezobe elwela ukungaphumi emqhudelwaneni.
YiCanada kuphela osekwaziwa ukuthi ngeke isadlulela phambili, lawa amanye amaqembu amathathu asengakwazi ukuqhubeka uma ethola imiphumela ayidingayo.
KwiGroup E, iGermany, esike yaba ngompetha bomhlaba amahlandla amane, isengcupheni yokukhishwa esigabeni samaqoqo ngemuva kokwehluleka ukunqoba imidlalo yayo emibili yokuqala.
Leli qembu elicijwa nguHansi Flick lishaywe yiJapan ngo 2-1 emdlalweni wokuqala, ladlala ngokulingana ngo 1-1 neSpain kowesibili.
I-Germany idinga ukuthatha amaphuzu aphelele kwiCosta Rica e-Al Bayt Stadium namuhla ngo-9 ebusuku bese ithandazela ukuthi iSpain idle iJapan eKhalifa International Stadium.
I-Spain iqhwakele ngamaphuzu amane. I-Japan isendaweni yesibili ngamaphuzu amathathu, iCosta Rica inamaphuzu amathathu ngemuva kokushaya iSamurai Blue ngo 1-0.