UMENGAMELI waMaZulu FC uSandile Zungu, uphika eyokuthi bayameya u-Ayanda "Cobra" Dlamini, omenyezelwe ngoLwesibili njengebamba mqeqeshi eqenjini.
USuthu lukhiphe isitatimende esiveze ukuthi obeyinhloko yabaqeqeshi, uRomain "Fohloza" Folz, odabuka eFrance, usezoba ngusomaqhinga ozokweluleka uZungu ngezinhlelo ze-Vision 2032.
UDlamini ubeyiphini likaFohloza, njengoba esezobamba izintambo emidlalweni eyisithupha esele yeDStv Premiership. UFohloza ususwe kwesokuqeqesha ngmva kwemiphumela emibi.
UCobra wayengumgadli ongaconsi phansi woSuthu. Udlalele iqembu phakathi kuka-2009 kuya ku-2016. Amakhokho uwagaxe emgibeni ngo-2017, ngemuva kokuhlala isikhathi esincane kwiBloemfontein Celtic.
AmaZulu ambuyisa, amqasha njengozoqeqesha iqembu leDStv Diski Challenge. Uqale ukubanjiswa izintambo zokuqeqesha iqembu elikhulu, oSuthwini, esaphethwe ngumndeni waKwaSokhela.
Ngesizini ka-2019/20 kubonakala ukuthi umkhumbi ufuna ukuzika ngaphansi kukaJozef Vukusic waseSlovakia, iqembu limxoshile lo mqeqeshi labambisa uDlamini izintambo.
Wenze umsebenzi oncomekayo elivikisa izembe. Lagcina lisonge isizini lisendaweni yesi-13, abaningi abangeke bawukhohlwe umdlalo wakhe wokuqala ashaya kuwo uKaizer Chiefs ngo-1-0, isaqeqeshwa ngu-Ernest Middendorp.
Ekuqaleni kwesizini ka-2020/21 iqembu libe selimnika ngokuphelele umsebenzi. Wasayina inkontileka yeminyaka emithathu.
Ngo-Okthoba wango-2020, AmaZulu athengwe nguZungu nokuyilapho zingamhambelanga kahle izinto uDlamini ngoba waphoqeleka ukushiya. NgoDisemba iqembu lenyusa u-Allan Freese obeyiphini lo mqeqeshi, uDlamini wehliselwa ekuqeqesheni izinkulisa zoSuthu.
Esikhundleni sikaFreese kube sekungena uBenni McCarthy, owenza umsebenzi omuhle elibeka kweyesibili kwi-log.
Akayiqedanga isizini ka-2021/22, okuthe isiyophela uZungu walanda uBrandon Truter, wamnika esokuba yibamba mqeqeshi. Ngaphansi kwakhe iqembu liqede liku-Top 8.
Lokhu kuholele ekutheni AmaZulu amnike umsebenzi ngokuphelele ngaphambi kokuqala kwephezulu, kweka-2022/23. Akuphelanga sikhathi esingakanani lagqashuka ifindo lomshado phakathi kwakhe nabaqashi.
Ngo-Okthoba, iqembu lilande uFohloza kwase kwenyuswa uDlamini ukuzoba umsizi wakhe. Kube nokuhlukana kwemibono ngalokhu, kukhona ababuza ukuthi kungani lo msebenzi unganikwa ngokuphelele uDlamini ngoba ulazi njengoba ezazi uSuthu?
UFohloza uqashwe kade ehluleke wukunqoba ngisho umdlalo owodwa eqenjini afikele kulona kuleli, iMarumo Gallants.
NakuMaZulu akumhambelanga kahle njengoba eshaya ngoxhaxha lwemidlalo alahle kuyona amaphuzu bedlala ngokulingana. Kepha, phezu kwalokho abaphathi bamgixabeze ngenkontileka yeminyaka emithathu njengoba sebegcine ngokumsusa.
Isolezwe libuza uZungu ukuthi kungani kwasekuqaleni uDlamini enganikwanga umsebenzi, uthe: "Ngaso sonke isikhathi uma siqasha umqeqeshi silandela imigudu ethile. OSuthwini akekho onesikhundla sangunaphakade. Ngithanda ukukucacisa ukuthi kasimeyi nakancane uDlamini. Ubaluleke kakhulu eqenjini.“
Ebuzwa ukuthi ngabe akhona amathuba okuqashwa kwakhe ngokuphelele uma ewenze kahle umsebenzi kule midlalo esele, uphendule, wathi: "Kungenzeka noma yini.“
UDlamini uzowuqala ngeSonto umsebenzi uma esebhekene neCape Town City emdlalweni ozoqala ngo-5.30 ntambama, eCape Town.
Ubhekene nejoka lokufaja uSuthu ohlwini lwamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu. Njengamanje luhlezli endaweni ka-12 ngamaphuzu awu-28. UFohloza wehliswe kade lushaywe emidlalweni kwemithathu ilandelana.
Luwashiswe yiDondol Stars ijezi kwiLast 16 Nedbank Cup. Kweyeligi luhlulwe yiStellenbosch neSwallows.