USAFUNA ukuhlala kwi-Orlando Pirates umdlali wasesiswini, uBen Motshwari, efika esiphethweni ekupheleni kukaJuni inkontileka anayo neZimnyama.
UMotshwari ngomunye wabadlali abathwele kanzima ukuthola isikimu selokhu kufike umqeqeshi uJose Riveiro ekuqaleni kwesizini. Ngaphansi kwalo mqeqeshi waseSpain, uMotshwari usadlale imidlalo engu-13, iningi layo ayiqale ebhentshini.
Enkabeni yenkundla kwiPirates kubusa uMiguel Timm okuqale isizini edlala noGoodman Mosele. Kule ndawo sekuthayiselwe ngoMakhehleni Makhaula obengukaputeni waMaZulu FC. Imenenja kaMotshwari, uPalesa Mkhize wePulse Players Management, ithe lo mdlali usafuna ukulwela eZimnyama.
"Siyaxoxa nePirates mayelana nenkontileka entsha. Isikhathi sisekhona kwazise lena esinayo iphela ngoJuni. Asikwazi ukuvele sigxumele kwelinye iqembu ngoba iPirates imphethe kahle futhi imbona njengomunye wabadlali ababalulekile kuyona.
“Konke kuzoncika ekutheni izingxoxo ziphetha kanjani. Sezikuvuthondaba. Lezi zinto ngeke uziqede ngosuku ngoba kuningi okufanele kuvunyelwane ngakho. Yikusasa lakhe futhi uyakhula. Kufanele athole inkontileka emlungele," kusho uMkhize.
Ngempelasonto edlule, uMotshwari ungene esiwombeni sesibili ngesikhathi iPirates yehlula iSwallows koweDStv Premiership. Uyibambe enkabeni yenkundla noMakhaula. Kuhlangane imihlathi eyazanayo kulaba badlali kwazise badlale ndawonye ezigabeni eziphansi eqenjini iTrabsonspor kwi-ABC Motsepe League eminyakeni edlule.
"UBen akakuthathi kabi ukuthi akayiqali imidlalo. Uyakuqonda ukuthi umbango wejezi mkhulu kwiPirates njengoba sekufike nabanye abadlali nomqeqeshi omusha. Kule nkontileka edlule udlale imidlalo eminingi. Uma nje iPirates isakubona ukubaluleka kwakhe, uzohlala eqenjini. Ukuthi bayavuma sixoxe ngenkontileka entsha, kusho ukuthi basamdinga. Naye uzimisele ngokulwela iqembu," kuqhuba uMkhize.
Ngaphandle kukaMotshwari, iPirates kulindeleke ukuthi inqume ngekusasa likanozinti waseGhana, uRichard Ofori, osalimele.
Isikhulu sePirates, uFloyd Mbele, sithe: "Izingxoxo mayelana nezinkontileka zenzeka ngezikhathi ezahlukene. Izinkontileka zabanye abadlali ziyaphela. Kodwa konke kusezandleni zethimba labaqeqeshi okufanele licacise ukuthi liyabadinga yini labo badlali. Lokho kuvulela ukuqala kwezingxoxo mayelana nezinkontileka ezintsha."