ZIYAMBONDELANA izinkinga nezizathu ngokuhlehla kwemidlalo yeBetway Premiership okubukeka kuzophazama ukuqedwa ngesikhathi kwesizini ka-2024-2025, evele eqale sekudlule isikhathi kwazise abaphathi bePremier Soccer League (PSL) babesathungatha abaxhasi.
Emlandweni we-PSL kusukela yasungulwa ngo-1996, isizini ka-2024-2025, kube ngeyokuqala ukuthi iqale maphakathi noSepthemba esikhundleni sika-Agasti.
Imbangela yalokhu wukuthi abakwaBetway abebethatha izintambo kwabakwaDStv njengabaxhasi, bacela isikhathi sokuzilungiselela nokuqopha izikhangiso.
Lokhu bekusho ukuthi imidlalo izothothana ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi isizini iyaphela ngoMeyi 24, okuwumgomo obekwe yinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFifa.
Ngosuku olulandela lolo (May 25) kudingeke kuqale imidlalo yokuhlunga ethinta iqembu elizoqeda kunombolo-15 kwi-log yeBetway Premiership.
Ngisho iwindi lokuhwebelana ngabadlali lithintekile kule sizini ngenxa yokumpintsheka kwe-PSL ngobumqoka bokuqinisekisa ukuthi kufika uMeyi 24 sekuqedwe konke ngemidlalo ethinta amaqembu ayo.
Okwenza iFifa iwuqinise umthetho kulokhu ukuthi ngoJuni nonyaka, kuqala iFifa Club World Cup, ngakho-ke akufanele kubekhona iligi engaphansi kweFifa esaqhubeka uma sekuqala le midlalo ezokuba se-USA. IMamelodi Sundowns izomela iNingizimu Afrika kulo mqhudelwano.
Inkinga yakamuva yePSL iqalwe yizinxushunxushu zeRoyal AM egcine iwela kumqoqintela, uSARS, omatasa nokuyifaka endalini.
Lezi zinkinga zeRoyal AM ziziqongisa nakakhulu ezePSL kwazise kulo nyaka leli qembu laseThekwini, alikaze lingene enkundleni.
Kusobala ukuthi lokhu kuyiphathisa ngekhanda i-PSL engakaphumeli obala ngokuzokwenzeka ngamaphuzu namaqembu asedlale neThwihli Thwahla.
Akuyona kuphela i-AM, nokuqala sekudlule isikhathi kweBetway Premiership okuphithanisa i-PSL ngekhanda.
Kulokhu kumphintsheka okudalwe yilezi zinkinga, kufanele iqinisekise ukuthi iSundowns, Orlando Pirates neStellenbosch FC abayimele emiqhudelwaneni yeCaf bayayidlala yonke imidlalo yabo.
Ngenxa ye-AM, kucishe kwaphazazamiseka iNedbank Cup osekungumlando ukuthi i-PSL ingcine ilixoshile leli qembu kuyona.
I-log yesigaba esikhulu eMzansi idweba isithombe sobu-amesha ekuhlelweni kwayo kwazise agqagqene kakhulu amaqembu ngokwezibalo zemidlalo aseyidalile.
Njengoba iRoyal AM isadlale engu-11, iSundowns isidlale engu-19 kanti iLamontville Golden Arrows isadlale engu-15.
Owodwa we-Arrows umiswe ngoba inkundla, iMpumalanga Stadium, eHammardale, ibigcwele amanzi ngesonto eledlule. Ngempelasonto edlule, awuphelanga ebiwudlala neSuperSport United ngenxa yokuhamba kukagesi enkundleni iLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
Phezu kwazo zonke lezi zinkinga, iPSL kufanele iqhamuke neqhinga lokuthi isizini yePremiership ka-2024/2025 iphethwe ngesikhathi esifanele.