USIHLALO waMaZulu, uSandile Zungu, udalule ukuthi waqala ukweshela uBongani "Ben 10" Zungu ngesikhathi ebuya eScotland, engakayijoyini iMamelodi Sundowns.
NgoLwesibili uSuthu lumemezele izindaba zokusayinisa uBongani ochithwe ngamaBrazillians ngasekupheleni kwesizini edlule nesitobha uSandile Mthethwa (27), odedelwe i-Orlando Pirates ngesonto eledlule.
UBongani odlala esiswini, wabuyela eChloorkop ngesizini ka-2022/23 ngemuva kokuhlukana neRangers yaseScotland.
Njengoba esechithiwe, uzame inhlanhla kwiWydad Casablanca yaseMorocco, ecijwa nguRhulani Mokwena obemqeqesha kwiSundowns. Nokho kuvele ukuthi izikhulu zeqembu zikhale ngokushiwa kwakhe iminyaka.
Ezinyangeni ezedlule, uBongani ubematasaniswa neKaizer Chiefs.
Engxoxweni Isolezwe elibe nayo noZungu, uveze ukuthi abalandanga uBongani ngoba enesibongo esifanayo nesakhe noma ethandwa. Uthe usayiniswe ngoba kubonakala ukuthi uzofike enze umehluko eqenjini. Uqhube wathi empeleni lo mdlali kwakumele abajoyine kumasizini edlule.
"UGwabini (Ben 10) ngaqala ukukhuluma naye ngesikhathi ebuya eScotland. Ngicabanga ukuthi wasiphunyuka ngenxa yokuthi iSundowns yambekela etafuleni okwakuconsisa amathe,"kuchaza uZungu.
Uqhube wathi:"Namanje kuthe uma ehlukana neSundowns ngaphinde ngakhuluma naye, ngamnxusa ukuthi eze ekhaya. Ubengakayi ngisho ukuyozama inhlanhla kwezikaRhulani Mokwena. Nakhona sivinjwe wukuthi ubenezinhlelo ezithile. Besizwa kuthiwa angase abuyele phesheya noma ajoyine iChiefs. Kuthe uma sizwa ukuthi uhleli, akanaqembu sagxuma sahlala."
Lesi sikhulu sichaze uBongani njengomdlali wekhethelo. "UGwabini ungumdlali wasesiswini ohlukile kwiPSL. Unobuchule bokudlala emuva nesisu aphinde abe nobuhlakani uma kubhekwe phambili. Sahlupheka kakhulu ngesikhathi kuhamba uMakhehleni Makhaula. Kwasiza ukufika kukaBen Motshwari. UGwabini simbona ezobambisana kahle nozakwabo uCelimpilo Ngema, no-Ethan Brooks"kubeka uZungu.
Uveze nokuthi uMthethwa odabuka eMpangeni, bamlandele ukuqinisa emuva nokushaya amagoli.
"UMthethwa sasimfuna ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/23 ngoba sibona iPirates ingamsebenzisi. Yasichitha izeseka ngokuthi usezinhlelweni zomqeqeshi. Okusichaza ngaye ukuthi ulishiyile igabade. Uzosisiza ekuphebezeni izitha nasekushayeni amagoli uma sithola ama-free-kick namakhona. Okunye wukuthi ungumfana wasekhaya, asidingi ukuthi size simchathe ukuze ezothanda uSuthu. Uyakwazi okumele akwenze."
UMthethwa wafika kweZimnyama ngo-2016. Wanqoba nayo izinkomishi ezintathu zeMTN8 nezimbili zeNedbank Cup. Uhlukane nayo engakadlali nowodwa kwephezulu. Wagcina ukudlala ngo-Ephreli, iPirates ishaya iRoyal AM ngo-4-0. Phakathi nendawo emuva umqeqeshi, uJose Riveiro, ubencamela ukudlalisa uNkosinathi Sibisi, Tapelo Xoki, Olisa Ndah noThabiso Sesane. Okwamanje uXoki noNdah abadlali ngenxa yokulimala.