Kaizer Chiefs (0) 0
Stellenbosch FC (1) 1
ISTELLENBOSCH FC ifake umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, ekukhulumeni ngemva kokushaya iqembu emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku e-FNB Stadium, eSoweto.
Umphumela weZimpofana ulandela eminye engagculisi. Lokhu kwenza kusolakale ukuthi bazoshaya amakhala abalandeli ngoJohnson, ekubeni bahlukene phakathi ngaye.
Sesiyela ngasemaphethelweni isiwombe sokuqala uDevon Titus, uvule inkundla ngegoli leStellies.
Ububhekwe kakhulu umphumela womdlalo ngoba iChiefs ize kuwona ingafihli ukuthi izibona iseyingxenye yombango wamaqembu anethuba lokuqeda isizini, esendaweni yesibili.
Kusukela kwiStellies eqale umdlalo isendaweni yesibili kuye kwiChiefs eqale umdlalo ikweyesikhombisa, wonke amaqembu asondelene ngamaphuzu azibona kuyiwona azohamba neMamelodi Sundowns, kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
IChiefs ihlulwa nje, ngempelasonto ibambane ngo 0-0 neCape Town City ekuhambeni, ngaphambi kwalowo mdlalo beyishayiwe yi-Orlando Pirates kowomkhaya baseSoweto.
Okuqapheleke emdlalweni ukuthi, uJohnson uqhubekile nokusebenzisa uSiyethemba Sithebe, esiswini yize sebekhululiwe oYusuf Maart no-Edson Casillo, ezigwebeni zamakhadi. USithebe ubewuqalile owangempelasonto edlule neCity.
Imizuzu yokuqala yomdlalo engu-40 ize yaphela zisathengana, kungacaci ukuthi ilona liphi iqembu elizokhombisa izinhloso zalo ngawo.
Izivakashi nokho bezakha amathuba angcono cishe esiwombeni sokuqala.
Ngomzuzu wokugcina waso, uTitus ubeke izivakashi ebuhleni ngegoli alakhelwe kamnandi nguVan Rooyen obuye kwezwakala.
Ngokubona ukuthi kuyonakala, uJohnson ukhiphe uWandile Duba, wafaka uChristian Saile, zisuka esiwombeni sesibili nangempela kwaba nguyena oshayela ipali okokuqala kwiChiefs.
Ibonakele imizamo kaSaile okwenze uJohnson wengeza ngoRanga Chivaviro, yize bengakuthandanga abaningi ukukhishwa kukaPule Mommodi, obezama.
USteve Barker opheka iStellies uphendule ngokufaka u-Antonio van Wyk, endaweni ka-Andre de Jong, obe nomdlalo omuhle esiwombeni sokuqala.
UBarker ugcine ebaphuzile oVan Rooyen no-Adams, bese uqala ukubasinda umdlalo ngoba bobabili babuya ekulimaleni.
Aziyekanga ukushukana kwaze kwaba umdlalo uyaphela. IChiefs izolwela amaphuzu kwiChippa United ngoMgqibelo. Ngosuku olufanayo iStellies izodlala neSekhukhune United.