ENYE yezimenenja zabadlali ezakhele igama kuleli ngokuhambisa abadlali kumaligi aphesheya, uPaul Mitchell, ithi ukubhacaza kweBafana Bafana sekubashaye kakhulu ephaketheni njengoba amaqembu ase-Europe engasayingeni indaba yabo uma bewadayisela abakuleli.
Emasontweni edlule umqeqeshi weqembu lesizwe odabuka eBelgium, uHugo Broos, uhlokoloze izinyosi eveza ukuthi iBafana Bafana ayenzi kahle ngenxa yezinga eliphansi leligi yakuleli.
Uthe lokhu kudalwa ukuthi kalinabo abadlali abayibamba kumaligi aphezulu e-Europe njengoba kwenzeka emazweni aphezulu nezwekazi i-Afrika, afana neGhana, iMorocco namanye.
Ukhuluma ngemuva kokuthi iBafana ihlulwe yiMorocco ngo-2-1 emdlalweni wokuqala wokuhlungela i-Africa Cup of Nations yangonyaka ozayo.
INingizimu Afrika yagcina ukuya kwiNdebe yoMhlaba ngezithukuthu zayo ngo-1998, eFrance naseKorea/Japan ngo-2002.
Ngesikhathi iqembu lesizwe lingena kweka-1998 nakweka-2002 lalinenqwaba yabadlali ababedlala kumaligi amakhulu e-Europe.
Kubalwa kubo uLucas Radebe owayedlala kwiLeeds United yase-England, Quinton Fortune (Manchester United), Shaun Bartlett (Charlton Athletic), Mark Fish (Bolton Wanderes), noPhilemon Masinga (S. S. C Bari yase-Italy).
Kweka-2002 kwaphinde kwaqhamuka abafana noBenni McCarthy owadlala kwiBlackburn Rovers nakwiWest Ham United.
Ngemuva kwale miqhudelwano iqhamukile ingcosana edlale kwi-English Premier League (EPL), u-Aaron Mokoena (Blackburn nakwiPortsmouth), noSteven Pienaar (Tottenham Hotspurs).
Ngemuva kwabo kucikize kakhulu kunakuqala.
Kwi-EPL, elakuleli ligcine ukuba noPercy Tau naye ohlale izinyanga eziyisithupha kwiBrighton & Hive Albion kodwa ubelokhu ebolekiswa kwamanye amaqembu aseBelgium.
Isolezwe likhulume noMitchell ukuthola ukuthi ngasohlangothini lwama-agent, ikuphi inkinga yokuhambisa abadlali bakuleli kumaligi aphezulu.
"Wukubhacaza kweqembu lesizwe okwenza abadlali bakuleli babe umgodi onganukwa nja. Yihlazo uma uzobheka ukuthi selidlale kangaki emiqhudelwaneni efana nowoMhlaba nakwi-Afcon. Okwase-England kunzima kakhulu. Usoseshini wakhona ubheka ukuthi ilizwe okuqhamuka kulo umdlali likleliswe endaweni yesingaki ezilinganisweni zomhlaba. Ufuna nokuthi adlale ewu-50% eqenjini lesizwe. Lesi simo senza kube nzima kithina esiyizimenenja. Nakuba sihambisa abadlali e-Europe ngoba sifuna ukuthuthukisa ibhola lakuleli kodwa ngakolunye uhlangothi sisebhizinisini," kubeka uMitchell.
Ezilinganisweni zakamuva zeFifa, iBafana ikleliswe kunombolo 69, e-Afrika endaweni ka-13. Leli qembu alizange liye kwi-Afcon ebiseCameroon ekuqaleni konyaka.
Phakathi kwabadlali abahanjiswe uMitchell phesheya kukhona uSiyanda Xulu kwiRostov yaseRussia nakwiHapoel Tel Aviv yakwa-Israel). Eminyakeni edlule uke wahambisa lesi sitobha kwinhlolokhono yeBarcelona yaseSpain nakweye-Arsenal yase-England.
Abanye uKeagan Dolly (Montpellier HSC yaseFrance), Gift Links (AGF yaseDenmark) no-Aaron Mokoena.
"Esinye isizathu ukuthi abadlali kabafuni ukuyodlala kumaligi asemazweni afana neDenmark, Belgium ukusho ambalwa. Bazeseka ngokuthi imali yamaligi akhona ihluke kancane kwabayihola kweyakuleli. Bayalibala ukuthi izinga lebhola kula mazwe liphezulu uma kuqhathaniswa nelakuleli. Okunye abakukhohlwayo ukuthi amaligi athi awabe ngconywana njengeBundesliga (Germany), Serie A (Italy), Ligue 1 (France), ancamela ukutheza koDenmark nakoBelgium. Amaqembu akwi-EPL (England) naweLa Liga (Spain) atheza kulawa angezansi anjengoSerie A,“ kusho uMitchell. Ebuzwa ngoXulu ongenaqembu ngemuva kokushiya kwa-Israel, uthe kukhona asamhlanganisela khona.