Isipiliyoni abasithole kwiCaf Confederation Cup nohlobo lwabadlali ababasayinisile kwenza uMacDonald Makhubedu oyiphini lo mqeqeshi weSekhukhune United, abone benalo ithuba lokusonga isizini ka-2024/25 besemaqenjini amathathu aphezulu kwiDStv Premiership.
IBabina Noko kubukeka ikucacisa ukuthi ifuna ukubalwa namaqembu azokwenza kahle. Isayinise umqeqeshi omusha, uPeter Hyballa (48) waseGermany, inkontileka yeminyaka emithathu. Uvale isikhala sikaLehlohonolo Seema.
UHyballa uyaqala ukusebenza ngaphandle kwase-Europe. Ugcine ukubonakala kwiNAC Breda yaseNetherlands ngo-2023. Useke waqeqesha enkulisa yeVfL Wolfsburg nakweyeBorussia Dortmund khona eGermany.
IBabina Noko ilungiselele lomqeqeshi ngokusayinisa abadlali abangyu-15 okukhona kubona isitobha uNjabulo Ngcobo obedlala kwiKaizer Chiefs, Thabang Monare obekwi-Orlando Pirates, Relebogile Mokhuoane obedlala kwiCape Town City nabanye.
ISekhukhune iphinde yazibekela indawo kwiConfederation Cup ilala isine ngesizini edlule. Emqhudelwaneni ka-2023/24 ebiqala ukungena kuwona, yaphuma esigabeni samaqoqo.
UMakhubedu, ongomunye wabaqeqeshi abasanda kuthola iziqu zika-Caf B Licence, ubelokhu ebababaze njalo ubuchule bukaHyballa.
"Unobuntu aphinde abe umqeqeshi oyingcithabuchopho. Kulesi sikhashana enathi usekucacisile ukuthi ungowezinga eliphezulu. Iqembu uzolibeka kwelinye izinga. Uzoba ngomunye wabaqeqeshi abazogqama ngesizini ezoqala. Baningi abazofunda kuye," kubeka uMakhubedu.
Uqhube wathi bazibekele umgomo wokuqeda okungenani endaweni yesithathu.
"Iqembu liyakhula, lokhu kubonakala ngezinga labadlali elibasayinisile. Sifuna ukuqeda endaweni enhle ukwedlula esilale kuyo kweyedlule. Lokhu kusho ukuthi kumele siqede ku-Top 3. Ngisho lokhu ngoba yinhle into engiyibona eqenjini lethu njengoba silungiselela ukuqala kwesizini.“
Lo mqeqeshi uveze ukuthi basizwe isipiliyoni sokudlala kwiConfederation ukuze balale endaweni yesine ngesizini edlule.
"Nakuba singenzanga kahle kodwa sifunde lukhulu kulo mqhudelwano. Ku-Group D besiqhathwe namaqembu anzima afana neDiables Niors yaseDRC, iRS Berkane yaseMorocco neStade Malien yaseMali. Amava esiwathole kula maqembu asisize kakhulu emlenzeni wesibili weligi. Sizophindela kuwo sesizazi izingqinamba zokudlala e-Afrika," kubeka uMakhubedu.