Royal AM (2) 3
Lamontville Golden Arrows (1) 1
I-ROYAL AM izikhiphe otakwini maqede yandisa usizi lweLamontvile Golden Arrows ngokuyishaya ngo-3-1, emdlalweni womkhaya baKwaZulu-Natal ngoLwesibili ebusuku, eChatsworth Stadium.
Amagoli enqobe ngawo iRoyal AM emdlalo weDStv Premiership, anamathiselwe enethini nguLesvin Stoffels ngomzuzu wesikhombisa, noRuzaigh Gamaldien sekusele amanenjana kuyiwe ekhefini. Elesithathu livalelwe phakathi nguMotebang Sera ngoka-90. Elokubika le-Arrows lize noSiboniso Cele ngoka-33.
IRoyal AM yenze izinguquko ngabadlali abayisishiyagalombili. Iqale ngoSiphesihle Msomi, Mbhazima Rikhotso, Elias Pelembe, Shadrack Kobedi, Thabo Matlaba, Ruzaigh Gameldien, Mfundo Thikazi noStoffels.
I-Arrows ishintshe abadlali abane kulabo abebedlala ne-Orlando Pirates kodlule. Kulokhu emapalini iqale ngoSifiso Mlungwana, Sibonelo Cele, Knox Mutizwa noNtsikelelo Nxadi.
Womabili amaqembu abeye emdlalweni engaphansi kwenkulu ingcindezi ngenxa yokuhluleka wukuthola amaphuzu agcwele emidlalweni edlule.
Emdlalweni wokugcina weRoyal AM yaguqiswa yiSwallows ngo-2-0, kwathi i-Arrows yabhaxabulwa ngomphumela ofanayo yiPirates.
Ukwehlulwa kwaBafana Bes’tshende, yiThwihli Thwahla kusho ukuthi ngokwesine behluleka wukuqoqa amaphuzu agcwele. Ngaphambi kokuthi beshaywe eZimnyama, badlale ngokulingana neStellenbosch, neCape Town City.
Ohlangothini lweRoyal AM ingene enkundleni sekuphele imidlalo emine ihluleka ukunqoba. Kulesi sibalo semidlalo kukhona neyokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo eCaf Confederation Cup.
Idlulele esigabeni esilandelanyo ngenxa yokuthi ishaye igoli ekuhambeni ngesikhathi ibambana ngo-1-1 neZesco United, yaseZambia.
Emizuzwini ewu-20 yokuqala kwiThwihli Thwahla, bekugqame ukubambisana okuhle phakathi kukaMatlaba, Thikazi, Gamildien noPelembe abebefika phambili kuvalwe amehlo. Akumangazanga ukuyibona ithola igoli lokuqala kusaphele imizuzu eyisikhombisa.
Bekufanele kuyiwe ekhefini isishaye amagoli angaphezulu kwamabili. Nakuba i-Arrows ingadlalanga kahle kulesi siwombe, akhona amabhola ayingozi abeqhamuka noNduduzo Sibiya noMutizwa.
Esiwombeni sesibili i-Arrows ibuye ngamandla. Ibihlasela into engapheli, abadlali beRoyal AM sebephoqeleka ukugcwala emuva. Ngoka-77 ithole iphenathi. Nokho unozinti weRoyal AM, uXolani Ngcobo uyivimbile iphenathi eshaywe nguSibiya. UNgcobo uyivimbe maqede walimala. Indawo yakhe ithathwe nguMondli Mpoto.
Kolandelayo Abafana Bes'thende bazoya komunye womkhaya njengoba bezodlala neMaritzburg United ngoLwesihlanu, eHarry Gwala.
NgoMgqibelo, iRoyal AM izobhekana neMamelodi Sundowns khona eChatsworth Stadium.