IBUYELA ekhaya eMhlathuze Sports Complex iRichards Bay FC ezoqala isizini yeDStv Premiership ka-2023/2024 ishaya ngomqeqeshi omusha.
Sekuqinisekisiwe ukuthi isizini entsha izoqala ngo-Agasti 4 ngomdlalo ozoba phakathi kweSikhukhune United nompetha bePremiership, iMamelodi Sundowns eNew Peter Mokaba Stadium, eLimpopo.
Kule sizini la maqembu azomela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni yeCaf, okuyiChampions League neConfederation Cup.
Okugqame ngemidlalo yokuqala yesizini entsha wukuthi lilodwa iqembu laKwaZulu-Natal elizophumela ngaphandle kwesifundazwe.
I-KZN izovula ngesivuthevuthe somdlalo wabakhaya ozoba phakathi weRoyal AM naMaZulu eChatsworth Stadium.
Lo mdlalo uzoba yisivivinyo sokuqala somqeqeshi omusha woSuthu, uPablo Franco Martin onengcindezi yokubuyisa izinsuku zenjabulo eqenjini.
Okunye okuhlale obala wukuthi iLamontville Golden Arrows izosebenzisa inkundla yaseHammarsdale, iMpumalanga Stadium.
Umdlalo wokuqala kule nkundla, ebikade isetshenziselwa imidlalo yeDStv Diski Challenge neye-ABC Motsepe League, izowudlala neMoroka Swallows ngo-Agasti 5 ngo-3 ntambama.
Kulo mdlalo Abafana Bes'thende bazobhekana nomqeqeshi wabo wakudala uSteve Komphela osecija IziNyoni.
Nakuba kubhekwe ngabomvu ukuqala kwesizini yePremiership kodwa kuzojabulisa abaningi eKZN ukuthi iNatal Rich Boyz izoyidlala eMhlathuze imidlalo yasekhaya emuva kokuchitha edlule idlalela eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngenxa yokuthi inkundla ibisalungiswa.
IBay, esanda kuqasha umqeqeshi uKaitano Tembo waseZimbabwe, izovula isizini neSuperSport United ekuhambeni ngo-Agasti 4. Kodwa umdlalo olandelayo ngo-Agasti 8 izowudlalela eMhlathuze neGolden Arrows.
Izinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs zizovula ngemidlalo enzima. EZimnyama zizovakashela iStellenbosch eDanie Craven Stadium, eKapa, ngo-Agasti 5. Amakhosi azokwamukela iChippa United eFNB Stadium ngosuku olufanayo.
Umdlalo obhekwe ngabaningi ngoweChiefs neSundowns ozoba ngeholidi lika-Agasti 9. Lapha kuzovivinywa amaqhinga omqeqeshi uMolefi Ntseki oqashwe kwesokupheka Amakhosi, kwaqubuka izikhalo.
Imidlalo yama-quarterfinal eMTN8 izolandela ngo-Agasti 12.
Imidlalo yeDStv Premiership
Agasti 4 - Sekhukhune v Mamelodi Sundowns (New Peter Mokaba Stadium, 3pm)
Agasti 5 - Golden Arrows v Moroka Swallows (Mpumalanga Stadium, 3pm)
Royal AM v AmaZulu (Chatsworth Stadium, 5.30pm)
Stellenbosch v Orlando Pirates (Danie Craven Stadium, 8pm)
SuperSport United v Richards Bay (Lucas Moripe Stadium, 8pm)
Agasti 6 - Kaizer Chiefs v Chippa United (FNB Stadium, 3pm)
TS Galaxy v Cape Town Spurs (Mbombela Stadium, 3pm)
Cape Town City v Polokwane City (Athlone Stadium, 5.30pm)
Agasti 8 - Richards Bay v Golden Arrows (Umhlathuze Sports Complex, 5pm)
Moroka Swallows v Cape Town City (Dr Molemela Stadium, 7.30pm)
Orlando Pirates v Royal AM (7.30pm)
Agasti 9 - Mamelodi Sundowns v Kaizer Chiefs (Loftus Versfeld Stadium, 3pm)
AmaZulu v SuperSport United (Moses Mabhida Stadium, 5.30pm)
Chippa United v TS Galaxy (Nelson Mandela Bay Stadium, 7.30pm)
Polokwane City v Stellenbosch (Old Peter Mokaba Stadium, 7.30pm)
Cape Town Spurs v Sekhukhune United (Athlone Stadium, 8pm).