Orlando Pirates (1) 2
CR Belouizdad (0) 1
I-ORLANDO Pirates izehlisele umthwalo ngokuwuqedela ekhaya umsebenzi wokuzifaka kuma-quarterfinal eCaf Champions League kulandela ukuwina kwayo kwiCR Belouizdad emdlalweni ka-Group C walo mqhudelwano izolo ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Kube yigoli likaRelebohile Mofokeng elivule inkundla esiwombeni sokuqala yavalwa nguThalente Mbatha ngenguzunga yeshodi ayishaye kwesesibili.
Usuyophela umdlalo, izivakashi zishaye elokubika.
Ukunqoba kwe-Al Ahly yase-Egypt ngo 3-1 kwiStade s’Abijan yase-Ivory Coast kowaleli qoqo odlalwe kuqala, kwenze owePirates neBeloiuzdad waqala sekuvele kunovalo zinhlangothi zombili kwazise ukuwina bese kumqoka kakhulu.
Ngale wini, iPirates ayigcinanga ngokuqeda amathuba eBelouizdad kulo mqhudelwano nokuzibekisela indawo kuma-quarterfinal kepha isize ne-Al Ahly ukuba nayo iwelele ngaphesheya.
IPirates ne-Al Ahly asebekwi-quarterfinal, sebezobhekana kozocacisa ngozoqeda eqhwakele kuleli qoqo ozoba seCairo, e-Egypt, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
Bekunzima ukuthi leli qembu lase-Algeria ukushayela e-Orlando iPirates kwazise yiStellenbosch FC kuseyiyona kuphela esaphumelele ukwenza lokhu kule sizini emdlalweni weBetway Premiership.
Emuva kokuhlasela kuphindelela kwePirates, uMofokeng ushaye igoli ngomzuzu ka-20 kulandela ishodi likaTshegofatso Mabasa unozinti wezivakashi aliphebeze labuyela enkundleni.
Kucishe kwayibhedela iPirates ngomzuzu ka-27 kodwa ubuhlakani bukaSipho Chaine ezintini bayisindisa. Kuze kwayiwa ekhefini kulokhu kuyiPirates ezama ukwandisa isibalo samagoli.
Esiwombeni sesibili, womabili amaqembu alikhuphulile izinga namabhentshi aqala anyakazisa abadlali ngenhloso yokushintsha izinto.
Ngomzuzu ka–61, uMbatha ukhulule iPirates ngenguzunga yeshodi alishaye phakathi basala bebukana abadlali beBelouizdad.
Nangempela ziqalile ukwenzeka izinguquko zinhlangothi zombili ngemuva kokungena kwaleli goli elenze ukuthi iPirates idlale ngokukhululeka.
Abadlali uThabiso Libitso, Paseka Mako no-Evidence Makgopa bathole ithuba kuphunyuzwa uMabasa, Mohau Nkota noMofokeng, ukubala abambalwa.
Imizuzu yokugcina idliwe yilezo zinguquko. Yize iminyakazo yezivakashi ibingethusi kodwa zigcine zilitholile igoli lokubika ekhaya ngemizuzu yokugcina.
Emdlalweni ka-Group B weCaf Confederation odlalwe eLoftus Versveld, ePitoli, iStellenbosch izifake kuma-quarterfinal emuva kokwehlula ngo 2-0 iStade Mallien yaseMali. Kowokusonga iqoqo ngempelasonto ezayo, iStellies izodlala neRS Berkane yaseMorocco engeke isagudluka esicongweni.