LIYAQHUBEKA ishobolo lokuba yithofi kweRichards Bay FC ngemva kokushawa yiLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni womkhaya baKwaZulu-Natal weDStv Premiership, izolo ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
IBay esiphenduke umtapo wamaphuzu emaqenjini ePremiership, ibishawa okwesikhombisa imidlalo yeligi ilandelana. Ukuboza kwayo kubukeka kubeka engcupheni umsebenzi wabaqeqeshi beqembu eliholwa nguVasili Manousakis, njengoba iqhubeka nokulahla amaphuzu budedengu.
IGolden Arrows isheshe yacacisa ukuthi ifuna ukuwunqoba umdlalo ngoba kuthe zibekwa nje ebhandeni ngomzuzu wesihlanu uqalile, uRyan Moon wangqomfela phakathi ngekhanda ibhola ebeligotshwe nguKnox Mutizwa, obekukade kuyi-corner kick.
Luphinde lwanda usizi lweRichards Bay ngenkathi injini yasesiswini u-Abel Mabaso, ikhishwa ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-37 ngemva kokudlalisa kabi uMoon kanti ubesebhalwa okwesibili.
Lokhu kuholele ekutheni iqembu lidlale ingxenye yomdlalo selixhuga. Kepha, akugqamanga ukuthi liyashoda ngoba belingaphezudlwana ngomdlalo, lithola amathuba okufika emapalini kodwa kwale ukwenza.
Ukunqoba kwaBafana Bes’thende umdlalo, kusho ukuthi xaxa kwabo kwi-log ngoba kubabeka endaweni yesikhombisa, kanti ukwehlulwa kweRich Boys kusho ukuya ngokuya iphuma kwi-top 8.
Nakuba kuyakhulunywa ukuthi ayikaphumi kwi-top 8 yingenxa yokuthi amaqembu angemuva kwayo nawo alahla amaphuzu.
Okuqaphelekayo ngeRich Boys wukuba nesifo esingapheli sokungenelwa yigoli umdlalo usaqala, nokungabi bukhali phambi kwamapali. Lokhu kukhomba ukuthi nakanjani iqembu kuzofanele lingene emakethe ngokuphela kwesizini liqinise isikwati.
Kule midlalo emihlanu esele, iRich Boys inenselelo yokuthola amaphuzu azoyilekela ekutheni ingaphumi kwi-top 8.
Kule midlalo kubalwa oweMamelodi Sundowns (ekuhambeni), iMaritzburg United (ekuhambeni), iChippa United (ekhaya), iCape Town City (ekuhambeni), neRoyal AM (ekhaya), nokuyimidlalo ebukeka ingelula neze.