INKAKHA yeKaizer Chiefs, uWilliam "Cool Cat" Shongwe iluleka izikhulu zaleli qembu ukuthi zisukume ngokushesha zilamulele umqeqeshi, u-Arthur "10111"Zwane osethanda ukuba nyamanambana kwabanye abalandeli baMaKhosi.
Selokhu uZwane ajoyina AmaKhosi ngo-2000 esengumdlali akakaze angathandek kubalandeli baleli qembu. Yingakho kuthe noma esenikwa umsebenzi wokuba inhloko yabaqeqeshi eNaturena kwajabula abaningi.
Ukulima kwakhe indima enkulu ngesikhathi iChiefs ifinyelela kowamanqamu eCaf Champions League ngesizini ka-2020/21 kwenze abalandeli abaningi baleli qembu babona ezokwazi ukubuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena, okwagcina ukufika indebe khona ngesizini ka-2014/2015.
Nokho kubukeka izinto zingahambi njengokufisa kwalaba balandeli. Ngempelasonto edlule iningi likhwele ladilika kulo mqeqeshi ngesikhathi iChiefs ibambana ngo-1-1 neMarumo Gallants, eRoyal Bafokeng Stadium.
Bekuwumdlalo wesithathu weligi kulandelana ihluleka ukuqoqa amaphuzu aphelele.
Emidlalweni eyisikhombisa isanqobe emibili, yadliwa kwemithathu yaphinde yadlala ngokulingana kabili. le miphumela iyishiya ibalwa namaqembu ahlezi ngasemsileni njengoba ibambe unombolo-14 kwi-log.
Nakuba iseyisikhombisa imidlalo bakhona esebeqalile ukumngabaza uZwane.
UShongwe owayengunozinti kwiChiefs eminyakeni edlule futhi osebuye abe ngumhlaziyi webhola kwiSuperSport, utshele Isolezwe ukuthi osekuqhatha uZwane ukuthi abaphathi bayo kababacaciselenga abalandeli ukuthi ulandelwe ukuzoliqala kabusha iqembu.
"Ngesikhathi kwethulwa uZwane njengomqeqeshi kwacaca ukuthi kunohlelo lweminyaka uZwane azosebenzela phezulu kwalo. Ngamanye amazwi uzokwakha,“ kusho uShongwe.
“Okubuhlungu ukuthi abalandeli beChiefs bajwayele izinkomishi, eyokwakha into abangayazi. Engikusabayo ukuthi izikhulu zeChiefs kaziyanga emagatsheni zazise abalandeli ngezikulindele kuZwane kule sizini. UZwane bayamthanda abalandeli kodwa ngibona sekuthanda ukonakala. Izikhulu zeqembu azimvikele, aziye emagatsheni abalandeli zichazele abalandeli ukuthi uZwane usakha. Lokhu kuzolwehlisa lolu laka oselufuna ukuqala.
UShongwe ukuvezile ukuthi aligculisanga uhlobo lwebhola elidlalwe yiChiefs koweGallants. IGallants nayo ingelinye lamaqembu angayiqalanga kahle isizini njengoba ingakanqobi nakanye emidlalweni eyisikhombisa.
“Okungisabisayo ukuthi uma iChiefs izoqhubeka nokudlala lo mbozo webhola elitshengise ibhekene neGallants, sizothi siphaphama kuzobe sekonakele. Uma ingawunqoba umdlalo olandelayo amaphaphu angehla kubalandeli. Okunye okungawehlisa ukukwazi ukufinyelela kowamanqamu eMTN8,” kuqhuba uShongwe.
UNeil Tovey owadlala kwiChiefs phakathi kuka-1990 kuya ku-1999, uthe uma iChiefs ingamxosha uZwane, kungaba ayikwazi kwayona ekwenzayo.
"IChiefs ayimnike ithuba uZwane. Uma ingamxosha kungabe ayazi ukuthi yenzani. Imqashe yazi kahle ukuthi ube iphini lomqeqeshi isikhathi eside. Ukuba inhloko yabaqeqeshi kwehlukile, kunzima. Wonke umuntu ubheka wena, kusuke kukuningi okusemahlombe akho. Ekugcineni kukuyona iChiefs ukuthi izothatha siphi isinqumo," kubeka uTovey.