KUNXENXWA umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ukuthi angalokothi alinde ibhadi ngokubophela, uKermit Erasmus, kowomlenze wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu weMTN8 abawudlala neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Inkakha evimbe iminyaka kwiSundowns nakwiPirates, uJohn Tlale, itshele Isolezwe ukuthi imazi emncane u-Erasmus futhi ayingabazi ukuthi umdlalo wangoMgqibelo neqembu ahambe kulona ngoba engenelisekile, uphupha ngawo ngisho elele.
U-Erasmus oshiye iPirates ngo-2016 eya kwiRennes yaseFrance, ubuyele kuyona kulandela ukugqabuka kwefindo abenalo neSundowns iminyaka emibili edlule. Lo mgadli umenyezelwe ngesonto eledlule noNdabayithethwa Ndlondlo obegijima kwiMarumo Gallants.
UTlale uveze ukuthi usebenze no-Erasmus eqenjini lesizwe kusukela kwabaneminyaka engaphansi kwengu-17 baze bakhuphukela kwelabaneminyaka engaphansi kwengu-20.
“Okudingwa u-Erasmus ukujabula enhliziyweni bese umnika abadlali abalibeka phansi okuyinto ekhona vele kwiPirates, uzobona into ongakaze uyibone,” kusho uTlale.
“Awunzima kangako umsebenzi kaRiveiro ngaphandle kokugcina u-Erasmus efithi futhi ejabule. Kunezinto eziningi u-Erasmus akwazi ukuzenza ngendlela ehlukile kunabanye abadlali kwazise uphekwe kakhulu ezinkulisa zaphesheya kwezilwandle.
“Uma u-Erasmus engajabule enhliziyweni, ngeke uthole lutho kuyena kodwa uma isimo sihlukile, umbekele eduze abadlali abawuhlobo loThulani (Serero) noKamohelo (Mokotjo) uzokuwinisa lo mgadli,” kusho uTlale efanisa laba badlali abebehlangana kamnandi no-Erasmus esabaqeqesha kwawesizwe, noThembinkosi Lorch noVincent Pule okuyibona okubhekwe kubona ukwakhela abagadli bePirates amathuba.
“Angiyena umqeqeshi wePirates futhi angazi ukuthi benzani ejimini kodwa u-Erasmus ofithi ngokwanele bengizomqalisa ngoMgqibelo ngoba imidlalo efana nale iyona akwazi ukuziveza ngayo.
“KwiSundowns ubengeneme ngoba ubengadlali. Uma edlala ulishaya ngendlela ehlukile ibhola futhi umlomo wepali uwazi njengoba ezazi okuyinto okubukeka sengathi ishoda ngayo iPirates,” kuqhuba uTlale.
Akazimisele nokho ukusho ukuthi ukusayinisa kwePirates u-Erasmus noNdlondlo, ngaphambi kokuvalwa kwewindi, sekusho ukuthi isizobangisa iSundowns esicocweni (seligi).
“Wonke amaqembu anethuba elifanayo uma uyibukisisa kahle indlela okuqale ngayo isizini kodwa siyazi ukuthi iSundowns isazokhula ngokuhamba (kwesizini).
“Umbuzo omkhulu ukuthi uma iSundowns isikhula, iPirates izobe isihlangene yini ngoba uRiveiro uhlale ekuqhakambisa ukuthi usalifunda iqembu.
“Kuhle nokusayiniswa kukaNdlondlo ngoba uyafana neningi labadlali elikhona kwiPirates ngakho-ke umbango uzoshuba kodwa iqiniso ukuthi isikhathi kuphela esizosikhombisa ukuthi iPirates ilona yini iqembu elizogudluza iDowns esazenzela kule minyaka edlule,” kusho uTlale.
Ngaphambi kokuhamba kwiPirates, u-Erasmus uyidlalele amahlandla angu-66 wayishayela amagoli angu-17, uma uzoqhathanisa nakwiDowns lapho edlale khona ka-25 washaya amagoli ayisishiyagalombili.
KwiCape Town City abekuyona ngaphambi kokuthathwa iDows, adlale kuyona ngaphansi kukaBenni McCarthy obemfukamele, udlale imidlalo engu-35 washaya amagoli angu-15.